Abakhala ngokungaqashwa sebesebenza ngo ‘dli’

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Ekurhuleni eziphelelwe ithemba ezingasebenzi zizimisele ngokuhlomula ku-R100 million wokulungiswa kabusha kwendawo yezemidlalo yaKwa-Thema.

Bafike basebenza esakhiweni ngaphandle kwemvume kasonkontileka bazi kahle ukuthi ngeke bakhokhelwe ngisho isenti.

Ngemuva kokuncenga ikhansela lendawo nosonkontileka amahlandla amaningi ukuthi baqashwe kulo msebenzi,bavele banquma ukuyosebenza kule ndawo.

Uthango luyasuswa ukuze kuvuleke indawo yokufaka ucingo olusha.

Amakhebuli adayiswa ezindaweni ezenza izinto kabusha. Ibhala eligcwele amakhebuli libiza u-R150 okuyimali abayihlukanisa kathathu.

Isakhamuzi esingasebenzi uTumelo Motloung utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuqhephula usimende kuwumsebenzi onzima kodwa ngenxa yokuthi baphelelwe ithemba bayabekezela.

“Siqale ukusebenza ngehora lesishiyagalombili ekuseni namuhla kodwa ucingo olwanele esingaluthengisa siluthole manje ngehora lokuqala ntambama,” esho.

UMotloung uthe selokhu kwaqala lolu hlelo ngoNdasa baye bafaka izicelo zomsebenzi kodwa abakaze bathole izimpendulo ekhanseleni lewadi.

“Silambile futhi sinemindeni ethembele kithina; uma usonkontileka enqaba ukusiqasha sizothola izindlela zokondla imindeni yethu.

“Okuncane engikwenza lapha kwanele ukuthengela izingane zami isinkwa kanye nokuqinisekisa ukuthi azilali zingadlile,” esho.

Isakhamuzi uThomas Masuku uthe wonke umuntu usekhathele ukunganakwa ngosonkontileka bendawo.

“Kuqashwa abantu abafanayo sibe sigqugquzelwa ukuthi silethe ama-CV. Sizoqhubeka nokusebenza kule ndawo kuze kuphothulwe umsebenzi ngoNcwaba.

“Sizosebenzisana nabakhi uma kunesidingo kuze kube izikhalo zethu ziyalalelwa,” esho.

Ikhansela lendawo uMnu Thulani Dunjana uthe izakhamizi akumele zimise lo msebenzi ngenxa yokungagculiseki kwazo.

“Lesi isigaba sokuqala sohlelo futhi baningi abanye abafake izicelo abasebenza kulo msebenzi,” esho.

“Angisho ukuthi izakhamizi zingayi kule ndawo kodwa uma zilimala inkampani ngeke ibekwe icala.”

Esithombeni esingenhla: Abasebenzisa kabusha amakhebuli ezimayini avela emabhulokhini osimende ukuze benze imali

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva