Abakhahlanyezwa izikhukhula bakhala ngezigebengu zosopolitiki 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ukuzibophezela kukaNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana ngemali engango-R1 billion wokusiza izisulu zezikhukhula kubangele ukungabaza kwizisulu ezisagcinwe ezindaweni zesikhashana.

Ezinye izisulu sezihlale ezikhungweni zesikhashana ezingenabantu iminyaka engaphezu kweyisikhombisa KwaZulu-Natal kanti ithemba labo selaphenduka iphupho.

Phakathi kwabo kukhona uMnu Sthabile Ngcobo ohlala ehholo lomphakathi eSiphingo eningizimu yeTheku. Usehlale lapha iminyaka engaphezu kweyisikhombisa ngemuva kokuthi indlu yakhe yodaka enamagumbi amabili iguguleke ngesikhathi sezikhukhula zango-2016.

“Ngiyangabaza ukuthi imali izofinyelela kuthina. Eqinisweni angiboni ukuthi sizoluthola usizo njengezisulu. Selokhusathenjiswa kusukela ngo-2016, namanje awukho umnyakazo  okhona,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngokubona kwami, abanye osopolitiki sebehlela ukuthi bazontshontsha kanjani imali yokusiza abayizisulu zezikhukhula njengathi nabanye abaningi ezindaweni ezahlukene zezwe. Uzobona ngemuva kweminyaka embalwa kukhona abayoboshwa ngokudla izimali zokusiza izisulu zezikhukhula.”

UMusa Mkhize, isisulu sezikhukhula zikaMbasa nyakenye ohlala etendeni eNdwedwe enyakatho yeTheku, uvumelana nokushiwo abanye. 

“Leli yisu nje lokhetho kuhulumeni we-ANC. Bafuna kubonakale sengathi kukhona abakwenzayo kanti elinye iqhinga elizobasiza ukugcwalisa amaphakethe abo nabangani babo,” kusho uMkhize.

Uthe izisulu zezikhukhula seziphenduke izidladla emdlalweni wezepolitiki.

“Uma osopolitiki befuna ukuthola amavoti bavele bakhulume ngokusiza izisulu zezikhukhula, kodwa bambalwa abagcina izithembiso zabo. Ngilahlekelwe isibalo sokuthi bangaki osopolitiki abasivakashele, kodwa kungenzeki lutho.

“Angikholwa ukuthi imali emenyezelwe izoshintsha izimpilo zethu,” kusho uMkhize.

Ethula isabelomali sakhe ngoLwesithathu, uGodongwana uthe: “Mayelana nezikhukhula zakamuva kanye nezinhlekelele zezwe ezifundazweni ezahlukene, kulo nyaka wezimali kukhona u-R695 million wokulekelela ngokushesha.”

I-Gauteng, i-KZN, i-Eastern Cape, iMpumalanga, i-Northern Cape, i-North West kanye ne-Limpopo zonke zisanda kuhlaselwa izikhukhula.

Esithombeni esingenhla: Izisulu zezikhukhula ezisagcinwe esikhungweni sesikhashana eThekwini

Umthombo wesithombe: Sithungelwe

Izihloko zakamuva