Moyahabo Mabeba
Umfundi kamatikuletsheni uKoena Meso ukulinde ngabomvu ukukhishwa kwemiphumela kamatikuletsheni ngoLwesihlanu ngemuva konyaka wezivivinyo nezinsizi.
UKoena oneminyaka engu-21, washonelwa ngumama wakhe ekuqaleni kuka-2021 futhi isikhathi sakhe esiningi sesikole saphazanyiswa ukufunda ngokushintshana ngenxa ye-Covid-19.
Uke wafeyila amanye amabanga esikoleni samabanga aphezulu i-Chika, e-Moletjie e-Ga-Mabitsela, e-Limpopo, kodwa wathi unethemba lokuthi uzokwenza kahle ezifundweni eziningi.
Kwi-maths literacy angilindele imiphumela emihle,” esho.
“Bekuwunyaka onzima kubafundi nothisha njengoba besinesikhathi esincane sokuzilungiselela ngenxa yemithetho yomvalelo”.
Uthe bebekhuthazwa ukuthi bafunde kanzima emakhaya, futhi yilokho abakwenzile.
“Kungajabulisa ukubona igama lami ephephandabeni,” esho.
NjengoKoena, uPholoso Matjeding oneminyaka engu-20, unethemba lokuthi wenze kahle. UPholoso wasesigodini sase-Ga-Machacha e-Sekhukhune kudingeke ukuthi athuthele e-Polokwane ngethemba lokuthi imiphumela yakhe izothuthuka esikoleni samabanga aphezulu i-Kabelo.
“Ube yinguquko enkulu empilweni yami unyaka wami kamatikuletsheni. Angikaze ngizinikele kangaka esikoleni njengoba bengenza kwibanga kuleli banga. Kufanele kube unyaka wami wokugcina esikoleni futhi ngenze konke okusemandleni ami. Ngifuna ukuzibona ngenza izifundo ze-Financial Management ngo-2022,” usho kanje.
Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ubhekene nenselelo yezomthetho mayelana nesinqumo sokumisa ukushicilela imiphumela kamatikuletsheni emaphephandabeni.
Ngesonto eledlule uMnyango umemezele ukuthi imiphumela kamatikuletsheni angeke isashicilelwa esidlangalaleni ukuze ihambisane nezidingo zoMthetho Wokuvikeleka Kolwazi Lomuntu (i-POPIA) kodwa izinhlangano zomphakathi eziphikisana nesinqumo soMnyango ziye zaya ezinkantolo.
Esitatimendeni uMnyango uthe uqondiswa yisidingo sokuthobela zonke izibopho zomthetho kodwa ekugcineni uMthethosisekelo uyala ukuthi i-DBE yenze izinto ngendlela ezosiza abafundi.
Izophuma ngoLwesithathu imiphumela yabafundi bezikole ezizimele ababhale izivivinyo ze-Independent Examination Board.