Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abazukulu bomshana kaNelson Mandela balwa nesinqumo seNkantolo eNkulu yase-North Gauteng esiveze ukuthi umbuso wabo awukho.
Umbuso we-Western Thembuland wasungulwa ngumholi wezwe ongasekho uKaiser Daliwonga Matanzima ngo-1980. Yatholwa iKhomishini kaNhlapho ngo-2010 njengombuso ongekho emthethweni ngenxa ye-Colonialism, i-imperialism kanye nokwakhiwa kobandlululo.
Ummeli woMbuso we-Western Thembuland, uSimeon Ngomane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isinqumo seNkantolo ngokumelene nabo senziwa ngo-2017 futhi manje sebezofaka incwadi efungelwe yokuphendula ukuthi isinqumo sihoxiswe.
“Ngemuva kokuthola kweKhomishana kaNhlapho ngo-2010 ukuthi ubukhosi base-Western Thembuland abukho, sabe sesingena eNkantolo ukuze kubuyekezwe umbiko weKhomishini, ngo-2017 iNkantolo yasikhipha isinqumo esasephikisana nathi. NgoNcwaba nyakenye safaka isicelo sokuthi sihoxiswe, sayalelwa ukufaka incwadi efungelwe yokuphendula kule nyanga,” kusho uNgomane.
Ngesonto eledlule kuvele ukuthi isinqumo seNkantolo esiphikisana nabo sesithathiwe. UNgomane ukucacisile ukuthi lesi sinqumo saphuma ngo-2017.
Okutholwe yile khomishini kuveze ukuthi uMatanzima wehlisa umzala wakhe iNkosi uSabatha Dalindyebo ngosizo lukahulumeni wobandlululo.
UMatanzima, owayengumshana kaMengameli wokuqala omnyama wakuleli uNelson Mandela washona ngo-2003 ngaphambi kokuthi uThabo Mbeki asungule iKhomishini kaNhlapho.
Ezindaweni ezingu-12 ikhomishana yathola ukuthi eziyisithupha kuzo yatholwa ngemiphumela yobukoloni nobandlululo futhi ngaleyo ndlela yayingekho emthethweni.
Indawo yobuholi base-Western Thembuland Kingdom itholakala e-Queenstown nabaholi bendabuko ababalelwa ku-20.
Inkosi ekhona manje yinkosi uDalimvula Matanzima. Uthathe izintambo zobukhosi kusukela ngoNhlangulana ngo-2010 ngemuva kokudlula emhlabeni kukayise owathatha izintambo ngo-2003 nangemuva kokudlula emhlabeni kukakhokho wabo kanye nomshana kaNelson Mandela iNkosi uKaiser Daliwonga Matanzima.
Isithombe esingenhla: INkosi uDalimvula Matanzima yobukhosi be-Western Thembuland kanye neNkosi
Buyelekhaya Dalindyebo yesizwe saBathembu