AbakaMahlangu bafuna liqalwe phansi icala lakhe

Karabo Rammutla

Umndeni kaSolomon Mahlangu usucele ukuthi kuphenywe kabusha ngokushona kwalengqalabutho yomzabalazo njengoba kade kugujwa iminyaka engu-43 abulawa.

Ngokusemthethweni, uMahlangu, owayeneminyaka engu-23 ubudala, owayeyilungu loMkhonto weSizwe kanye ne-ANC, walengiswa ngecala lokubulala uhulumeni wobandlululo mhla ziyisithupha kuMbasa ngonyaka ka-1979.

Nokho, umndeni wakhe ukholelwa ukuthi okwashiwo ngaye amampunge, futhi empeleni wadutshulwa amahlandla amathathu.

NgoLwesithathu, baphinde bavula icala lakhe esiteshini samaphoyisa e-Mamelodi West ukuze babuyekeze isimo sokubulawa kwakhe.

Umfowabo kaMahlangu uGeorge uthe uphenyo lwakamuva lokuthi udokotela kanye nosonyunyana uDkt Neil Aggett washona kanjani esitokisini eminyakeni engaphezu kwengu-40 edlule lukhuthaze umndeni ukuba uvule kabusha icala.

“Sifuna izwe lonke lazi iqiniso ngokugcwele. Sifuna liqulwe kabusha icala,” kusho umfowabo. 

U-Agget watholwa elenga esitokisini sakhe e-John Vorster Square mhla zinhlanu kuNhlolanja ngo-1982, ngemuva kwezinsuku ezingu-70 eboshiwe. Uphenyo olwenziwa ngalowo nyaka lwathi ukufa kwakhe kwakuwukuzibulala, futhi iJaji eliphethe uPeter Kotze lathi akekho ongathweswa icala ngokufa kukaDkt u-Aggett.

Ngo-2020 icala laphinde lavulwa futhi iJaji uMotsamai Makume wasibeka eceleni lesi sinqumo sangaphambilini.

IJaji uMakume linqume ukuthi ukushona kuka-Aggett kwadalwa izenzo ezenziwa amalungu egatsha lezokuphepha elise-John Vorster Square.

UGeorge Mahlangu uthe uhulumeni wobandlululo uyaziwa ngamanga, wathi kungenzeka ukuthi abatshelwanga iqiniso ngokushona komfowabo.

Uthi kunemniningwane eyahlukene yokuthi uMahlangu washona kanjani.

“Kunombhalo osemthethweni othi uMahlangu walengiswa, kanti omunye uthi waqedwa ngezinhlamvu, ingakho kumele sivule uphenyo.”

Umndeni ubuphelezelwa ilungu le-NEC ye-ANC uDkt uGwen Ramokgopa, iPhini likaSihlalo we-ANC e-Gauteng uPanyaza Lesufi nethimba lentsha esiteshini samaphoyisa.

Lokhu kulandela ukuvakashela ijele i-Kgosi Mampuru, lapho uMahlangu alengiswa khona. Ngemuva kwalokho babe sebeya  ethuneni lakhe e-Mamelodi, eNtshonalanga ne-Tshwane beyobeka izimbali. 

Izihloko zakamuva