Imvamisa, uma izigebengu zikuhlasela noma zikubamba inkunzi, abantu bakhalela usizo oluvela kuNkulunkulu.
Kodwa hhayi e-Bekkersdal entshonalanga yeGoli lapho umhwebi ogama lakhe linguSatan Mashaba waseTambo lapho anetafula lakhe khona.
Akekho onesibindi sokudlalela ngakuSatan.
Umdayisi oneminyaka engama-29 ubudala uSthembiso Maluleke uthe, abekho abafana be-nyaope ababaphazamisayo ngoba uSatan ubhekana nabo ngqo.
“Izulu lapha,” kusho uSthembiso.
“USatan uyaqinisekisa ukuthi siphephile nokuthi akukho zigebengu ezenza umbhedo wazo endaweni yethu ngoba ziyazi ukuthi zingazithola zisesihogweni esivutha umlilo,” kusho uSthembiso.
Uthe, ngaphambi kokuthi uSatan afike namaqhinga akhe anomqondo, izitolo zabo bezigqekezwa ngisho emini.
Kodwa ngolunye usuku, uSatan wamangaza izakhamuzi ngokubhekana nezigebengu eziyisithupha eyedwa. Wazithumela zonke lezi zigebengu eziyisithupha esitokisini samaphoyisa okuyisihogo.
USatan wagijima elandela izigebengu ngemfoloko eloliweyo, zabaleka zimthuka zithi “fok maan!” Abane ngabagwaza kwase kwathi ababili ngacishe ngabashisa ngamalahle engangiwasebenzisa ukwenza inyama yamakhasimende ami,” kusho uSatan etshela abakwa-Scrolla.Africa.
Umphakathi wamsiza ukubamba izigebengu wase ezinikezela emaphoyiseni.
“Ngizizwa ngiphephile uma ngiseduze kukaSatan. Unesibindi impela akekho umuntu ozozibeka ethubeni lokumelana naye,” kusho uSthembiso.
USthembiso uthe, isenzo sikaSatan simenze waba yiqhawe nomaphi la eya khona.
Izolo, abakwa-Scrolla Africa bavakashele uSatan endaweni yakhe adayisela kuyo, samthola eheha amakhasimende.
Igama langempela likaSatan nguFernando Mashaba.