Abaholi nezeluleko entsheni

Buziwe Nocuze

Izinsizwa zingcolisa igama elihle lesizwe sonke saMaMpondo futhi zizibeka engcupheni yokulinyazwa ngamalungu esizwe, kusho ithimba labadala balesi sizwe.

Abaholi bathi izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi liholela amalungu  intsha ezindleleni zobugebengu nokusebenzisa izidakamizwa.

Begqoke imvunulo yesiMpondo becula izingoma zabo bedansa, abadala banxuse intsha yamaMpondo ukuthi ibuyele emakhaya uma izabalaza ukuthola imisebenzi emadolobheni.

Umbuthano wamaMpondo ubusesikoleni samabanga aphansi i-Bongolethu e-Philippi Browns Farm ngoMgqibelo.

Abantu abangamaMpondo badabuka eMbizana, e-Lusikisiki, eNtabankulu, e-Flagstaff, e-Libode  nase-Port St Johns e-Eastern Cape.

Sebekhiqize abaholi abaningi abahlonishwayo bomzabalazo wokulwa nobandlululo okubalwa kubo uWinnie Madikizela-Mandela  no-OR Tambo.

Umholi uMzwamadoda Mgqawule uthe ngokuzihlanganisa namaqembu ezigebengu nokusebenzisa izidakamizwa, abantu abasha ngeke bagcine ngokucekela phansi ikusasa labo kodwa nelamaMpondo.

“Uma intsha idinga imali yokubuyela ekhaya kufanele ikhulume nabadala kunokuthi iphendukele ebugebengwini,” esho.

UMongezi Conjwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebesungule Indlu YamaMpondo, lapho bekhuluma khona ngezinkinga ezibhekene nalesi sizwe eKapa.

“Enye yezinselelo esibhekene nazo ukugxekwa ngabantu abangaphandle kwesizwe sethu abangaluqondi ulimi lwethu, bathi siyadelela futhi akumele siphimise amagama athile ngendlela esenza ngayo, lokho kukhombisa ukuthi abantu abazi lutho ngesizwe sakithi,” esho. 

Abadala besizwe basebenzise lo mbuthano ukuze bahlangane banikeze iziqondiso nezeluleko kumaMpondo abonakala esezikhohliwe ukuthi angobani uma esemadolobheni amakhulu.

UZongezile Hlakanyane usebenzela ukuthi uhulumeni ahloniphe IsiMpondo njengolunye lwezilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika.

“Siyathemba ukuthi uhulumeni wethu uzolenza libe wulimi olusemthethweni ngelinye ilanga. Ngaleyo ndlela abantu bazojwayela bazi ukuthi asikaze sibe luhlaza,” kusho uHlakanyane.

Scrolla World Cup Quiz