Abaholi bezenkolo bakhulekele umgwaqo omkhulu onezingozi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kulandela izingozi eziningi ezenzeke kuN2 phakathi koMthatha neDutywa e-Eastern Cape, abezenkolo babambe umcimbi wokuwuhlanza ukuze lo mgwaqo uphephe.

Lo mcimbi ubuhlelwe ngumasipala wendawo iMbhashe, iSanral, iMoral Regeneration Movement, kanye neSafety Forum. 

Bebehlose ukuqeda yonke imimoya emibi okukholakala ukuthi idala izingozi ngasesigodini sase-Nhywarha.

Umbiko wango-2023 uthi umgwaqo uN2 phakathi kweDutywa noMthatha ungowesibili ngokuba yingozi kuleli.

NgoLwesibili abaholi bezenkolo ezahlukene bakhulekile benza namasiko emgwaqeni uN2 ukuze kukhishwe imimoya emibi. 

USomlomo womkhandlu iMbhashe uBabalwa Majavu uthe ukuhlonipha imimoya yabashona kuleya ndawo kubalulekile.

“Sinqume ukumema abaholi bazo zonke izinkolo ukuthi bakhulekele imimoya yalaba abashonele lapha, sithemba ukuthi lokhu kuhlanjululwa kuzonciphisa izingozi kule ngxenye yomgwaqo u-N2,” kusho uMajavu.

IMeya yaseMbhashe, uMnuz Samkelo Janda, ithe abaqali ukwenza umkhuleko walolu hlobo ukuze kwehle izingozi zomgwaqo.

“Sike sakwenza lokhu phambilini noMnyango wezokuThutha [EC] kanye namaqembu ezenkolo ehlukene kwenye ingxenye yomgwaqo uN2.  Ngemva kwalowo mthandazo, izingozi zehla.  Sikholwa wukuthi nalo mcimbi uzoba nomthelela ofanayo,” kusho uJanda.

Esithombeni ngenhla: NgoLwesibili abaholi bezenkolo bahlangane kuN2 phakathi kuMthatha neDutywa bekhulekela ukwehla kwezingozi zomgwaqo.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva