Moyahabo Mabeba
Kuyashuba ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-African National Congress ne-Congress of Traditional Leaders of South Africa (i-Contralesa).
Njengoba kulungiselelwa umcimbi waleli qembu ozoba ngomhlaka-8 ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium, e-Polokwane, e-Limpopo. Ubuholi beqembu elibusayo bebulokhu bubamba imihlangano yesifundazwe nabaholi bendabuko.
NgoLwesithathu emhlanganweni obushubile obuse-Mohlaletse e-Sekhukhune, usihlalo we-Contralesa, iNduna uLetsiri Phaahla uveze intukuthelo yakhe phambi kukaMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNdunankulu wase-Limpopo, uChupu Mathabatha.
UPhaahla uthe sekuphele iminyaka engu-27 uhulumeni oholwa yi-ANC edlala ngabaholi bendabuko, enza nezithembiso engazifezi.
UPhaahla uthe babona sengathi uMengameli noNdunankulu ababahloniphi ngokuhluleka ukulungisa udaba lomhlaba, amaholo, izibonelelo zezimoto kanye nokunye.
UPhaahla obethukuthele egane unwabu uthe bacabanga ukusungula iqembu labo lezepolitiki elizolwela ukuhlonishwa kobuholi bendabuko.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uDonald Selamolela, uthe uPhaahla kumele abizwe akhuzwe njengoba amazwi akhe ahlabayo edale uqhekeko phakathi kwabaholi beqembu kanye nendlu yabaholi bendabuko.
“Uma efuna ukusungula iqembu lakhe lezepolitiki uvumelekile ukwenza lokho kodwa akumele azame ukuhlohla abaholi bendabuko abahlonipha i-ANC”.