Abaholi be-NFP bathukuthele ngohlu lokhetho lweqembu abathi luchemile

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kunombango ku-National Freedom Party (NFP) ngohlu lwabazoyimela esiShayamthetho sesifundazwe nasePhalamende likazwelonke ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba- uma iwina izihlalo.

Impi iqale ngemuva kokuthi i-IEC ishicilele uhlu lwabazomela amaqembu ezepolitiki.

Abaholi be-NFP eZululand, KwaZulu-Natal, abakhulume ne-Scrolla.Africa abangadalulwanga amagama bathe abeneme ngokuthi amagama abo awaveli phezulu ohlwini lweqembu ngoba lesi sifunda sizoletha amavoti amaningi eqenjini.

“Sidinwe kakhulu ngokuthi laba baholi banqume ukubeka amagama ethu ekugcineni ekubeni izifunda zabo zingenawo ngisho amagatsha afanele ahamba phambili.

“Yilokhu ebesikulwela ku-IFP – manje naku-NFP silwa nomzabalazo ofanayo,” kusho lo mholi.

Omunye umholi wesifunda saseZululand ukhale ngokuthi ubuholi be-NFP bukhombise ukucwasa ngesikhathi buhlanganisa loluhlu ngoba abaholi abangamaNdiya namakhaladi bavunwa ukudlula abamnyama.

UMengameli we-NFP u-Ivan Barnes uthe ukukhathazeka kwabaholi “akunangqondo neze”.

“Labo baholi kufanele bafake izikhalo zabo kumphathi we-NFP.

“Yilapho abazothola khona impendulo ngodaba lohlu. Okunye ukuthi silandele yonke imigudu yangaphakathi eqenjini ngesikhathi sihlanganisa uhlu lwe-IEC,” kusho uBarnes.

Uthe i-NFP izongenela ukhetho ezifundazweni ezine lapho abantu abakhombise khona ukuthakasela iqembu – KwaZulu-Natal, eGauteng, e-Free State naseMpumalanga.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-NFP abangisana ngohlu lwamalungu ePhalamende.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva