Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sekuvele ukuthi abaholi bakaKhongolose bazame ukusebenzisa uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN ukuba ajahe owayenguNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Bongi maSithole-Moloi.
Lezi zinsolo zivezwe abaholi bakaKhongolose abahlebele i-Scrolla.Africa ukuthi empeleni uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ushawa nje yingoba akakwenzanga okwakulindelekile ngesikhathi engena kulo Mnyango, kunalokho ugcine esephenya umasipala wase-Kokstad wabamba inkohlakalo eshunqayo ehlanganisa inkampani yabaqaphi esiligodlile igama layo okuthiwa ibigixabezwa ngezizumbulu zemali kodwa ungekho umsebenzi ewenzile.
Labo abahlebele i-Scrolla.Africa bathi uButhelezi unele wathinta leyo nkampani, wasuka umsindo.
“Ngesikhathi uButhelezi engena kulo Mnyango kwakubhekwe ukuba ashaye uMaSithole-Moloi ngoba abamufuni futhi abazenzisi ngenxa yokuthi kungenzeka uma behlakazwa ahole isigungu sesikhashana sesifundazwe benoMnuz Siphile Mdaka oyiMeya kumasipala waseMkhanyakude Yingakhoke eshawa. Kuthe uma uButhelezi engena kulo Mnyango wamisa izikhulu ebezisebenza nomaSithole-Moloi okubalwa kuzo neNhloko yeziMali. Lapho babekikiza bezitshela ukuthi isibambe ngakho kanti ababuzanga elangeni,” kusho umthombo.
Uqhube wathi inkinga iqale ngesikhathi laba baholi sebenyonyoba behlangana nabaholi be-IFP abafuna ukugudluza uButhelezi obonwa njengohlupho eNkatheni nengozi yokuthi angaqokelwa ebuholini obuphezulu engqungqutheleni ezayo.
Kuthiwa abaholi be-IFP balibophe kahle itulo lokuba uButhelezi ashawe futhi abonakale njengomuntu owuhlupho kuloHulumeni woBumbano ukuze akhishwe kwikhabhinethi.
“Leli tulo labo liqale laba hambela kahle behlangene nalezi zikaKhongolose. Inkinga uButhelezi ngathi usheshe wababamba. Ngemuva kwalokho waqonda ngqo komasipala bakaKhongolose okudla kubo laba baholi abathile. Yikhoke manje sebemshaya besabisa nokuphuma kulo Hulumeni.
Kuyimanje bazama ukuthola uNgqongqoshe wezoLimo umama uThembeni KaMadlopha-Mthethwa ukuze aphenye kulowo Mnyango ukuthi akukho yini okungabophisa umaSithole-Moloi ngoba phela sebexabene noButhelezi,” kudalula umthombo.
Omunye umholi we-IFP udalule ukuthi kuze kwayoxoxwa noMnuz Fikile Mbalula kaKhongolose eLuthuli House ukuze kuvinjwe uKhongolose ukuba ungahambi ekubeni bekuyitulo lokusabisa ukuze kukhishwe uButhelezi.
Kuthiwa le nkampani edale umsindo yabaqaphi, yavundululwa inkohlakalo yayo kodwa umaSithole-Moloi wayimbambatha kodwa uma engahlangana noButhelezi kungaboshwa abantu ngayo.
Kuthiwa laba baholi bakaKhongolose bamqale nyakenye umaSithole-Moloi ngesikhathi kuneNgqungquthela yabesimame bakaKhongolose ebiseThekwini obekungeyesifundazwe.
Kuthiwa lapho kwathi uma ubuholi bukazwelonke buhlakaza ubuholi baleyo ngqungquthela, balanda umaSithole-Moloi ukuba ahole isigungu sesikhashana kodwa bamuncisha izikhiye zasehhovisi lesifundazwe eSeme House ukuba alisebenzise.
Kuvela nokuthi ngesikhathi kuqokwa oNgqongqoshe abaholi bakaKhongolose abathile batshela i-IFP ukuthi ingalokothi imqoke umaSithole-Moloi noDkt Ntuthuko Mahlaba yancamela ukuthi eMnyangweni obuphethwe umaSithole-Moloi kufakwe uButhelezi ngoba bethi uzomjaha.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKhongolose ngalezi zinsolo ibhuntshile njengoba okhulumela iqembu uMnuz Mafika Mndebele ngesikhathi ethintwa ethe usemhlanganweni kodwa ngemuva kwalokho ubengasalubambi ucingo.
UButhelezi esitatimendeni asikhiphe ngeledlule uthe yena akazukudlala i-ANC KwaZulu-Natal futhi ayisoze imlawule.
