Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ANC izamile ukulungisa uqhekeko ebudlelwaneni bayo neSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini ngokuhlonipha uMntwana uMcwayizeni kaSolomon osakhothama owayebambele iSilo uZwelithini phakathi kuka-1968 no-1971.
Ithimba beliholwa ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Sindi Chikunga nabanye abaholi besifazane abaphezulu abachithe usuku lonke esigodlweni sakwaNxangiphilile kwaNongoma KwaZulu-Natal.
UChikunga uthe ngesikhathi i-ANC igubha inyanga yeNkululeko, bathathe isinqumo sokubuyela emadlozini aleli qembu okwakuwumndeni wobukhosi bakaZulu.
Uthe uMntwana uMcwayizeni ungomunye wabaholi be-ANC ababusisa le nhlangano ngemuva kokuvumeleka kwayo ngo-1990.
Ubephinde abe umzala kaMntwana uMangosuthu Buthelezi owayeNdunankulu weSilo samaZulu futhi engumholi weqembu le-Inkatha Freedom Party okhothame nyakenye.
Ngo-1971 uMntwana uMcwayizeni waphoqeleka ukuba ehle esikhundleni sokuba ibamba leSilo ukuze adedele iSilo uZwelithini kaBhekuzulu esihlalweni.
Ngaleso sikhathi wayesolwa ngokwenqaba ukwehla esikhundleni ukuze iSilo esasineminyaka engu-21 ubudala sithathe ubukhosi ngo-1971.
Uhambo lwe-ANC lokuzomhlonipha luqhamuke njengoba le nhlangano ibhekene nenselelo neSilo uMisuzulu ngokuqokwa kukaMfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu waso.
Ubuholi be-ANC buphumele obala bakhuza iSilo uMisuzulu ngodaba lokuqokwa kukaButhelezi basitshela ukuthi abaliboni iqhaza ngoba isikhundla esingakaze sibe khona futhi asikho kuMthethosisekelo.
Kodwa-ke, iNdlunkulu kaZulu iphendule yathi lesi sikhundla lokhu sabakhona kusukela kubusa iNkosi uShaka ekuqaleni kwango-1800, uNdunankulu wakhe kwakunguNgomane.
Esitatimendeni, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo uthe uMntwana uMcwayizeni wazinikela kuKhongolose ngaphandle kokwesaba.
“Waqokwa njengelungu lesigungu esiphezulu se-ANC ngo-1991. Wayengumholi onesibindi ekhankasela i-ANC ngezikhathi ezinzima emlandweni wethu.
“Wanikela ngempilo yakhe kuKhongolose ehambisana nezimfundiso zikaMengameli ngokuhlonishwa, iSilo uDinuzulu kaCetshwayo owanikela ngezinkomo eziyishumi ngesikhathi kusungulwa leli qembu,” kusho uMtolo.
Abaholi be-ANC banikeze iSilo izinkomo ezimbili njengesipho.
UMntwana omdala uMbonisi Zulu wendlu yobukhosi baseKhwezi ubonge abaholi be-ANC ngokukhumbula iqhaza likaMntwana uMcwayizeni kulo mbutho.
Esithombeni esingenhla: INdlovukazi uMaNtombela wasebukhosini bakaZulku enabaholi abaphezulu be-ANC esigodlweni sakwaNxangiphilile kwaNongoma.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe