Lungani Zungu
Eminyakeni engamashumi ayisikhombisa edlule, ngowe-1949, amaNdiya nabamnyama bavalelwa empini eyathatha amasonto amabili eyadlula nemiphefumulo yabantu abangama-42 eThekwini.
Futhi manje, eminyakeni engama-72 kamuva, la maqembu amabili angene kwenye futhi impi enokuchitheka kwegazi e-Phoenix eye yadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezu kwabangama-50.
Manje umsunguli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi kanye nesishoshovu somzabalazo uMac Maharaj banxuse amaqembu alwayo ukuthi ayeke lo mbango.
“AmaNdiya angabafowethu. Kufanele siphile ngokuzwana lapha eThekwini naseNingizimu Afrika yonkana,” kusho uButhelezi, ovelele ngisho nasezindaweni ezinabantu abaningi abangamaNdiya, okubalwa kuzo i-Phoenix ne-Chatsworth.
“Umsebenzi wami njengomholi wukuhlanganisa bonke abantu kungakhathalekile ukuthi bayibuphi ubuhlanga. Nginxusa nabanye abaholi ukuthi benze okufanayo ikakhulukazi e-Phoenix.”
UMaharaj wamvumela.
“Asikwazi ukuvumela ukungezwani kwehle kuze kufike lapho okuchithwa khona igazi. Asikwazi ukuvumela abantu abaningi akuba bashone e-Phoenix,” esho.
Kuthiwa abantu abahlala emahostela aKwaMashu eduze kwase-Phoenix babezama ukuziphindiselela kwabaseNdiya, kodwa inhlangano yabahlali basemahostela, Ubunye BamaHostela, izichithile lezi zimangalo.
Bona, njengoButhelezi noMaharaj, banxenxa ukuthula.
“Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangaluvumi udlame, nokusatshalaliswa kwamanga nolwazi olungachazwanga okuhloswe ngalo ukudala ukwesaba nokusihlukanisa,” kusho uMuzi Ntuli, unobhala wenhlangano Ubunye BamaHostela.
“Siyayigxeka yonke imizamo yokucekela phansi imiphakathi nezwe lethu.”
Kube nobunzima obukhulu emaphoyiseni ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Verulam ngoMsombuluko ngesikhathi abasolwa abayishumi abahlobene nokubulawa kwabantu e-Phoenix bevela enkantolo.
UNatasha Kara, okhulumela i-National Proseccuring Authority e-KZN, uthe amacala abasolwa ababhekene nawo ahlanganisa ukubulala, ukuzama ukubulala nokucekela phansi impahla.
Uthe lolu daba luzwakale ngekhamera ukuvikela ukuthi abasolwa babonwe nokuthi kusazohlolisiswa kahle.
Icala lihlehliselwe uLwesihlanu ukuze kuzobhekelelwa ibheyili.