Lubhalwe nguZukile Majova
Ngemuva komkhankaso oshisa phansi wezikhundla eziphezulu kwi-ANC, ithimba elihola umkhankaso kamengameli Cyril Ramaphosa nelikaDkt Zweli Mkhize baqhuba inguyazana yezingxoxo okusolakala ukuthi zimayelana nokwabelana izikhundla ngenhloso ukuqeda umbango.
UMkhize owake waba iqanda ehhovisi likaRamaphosa, waphoqeleka ukuthi aphume kwikhabhinethi ngemuva kwezinsolo zomsanka othinta ithenda kaR150 million, eyatholwa inkampani iDigital Vibes okuyinkampani yezoxhumana ephethwe usomabhizinisi ongumngani nomndeni kaMkhize. Omunye wabaphathi bale nkampani wake wabe ngumsizi kaMkhize.
UKhabazela njengoba uMkhize edume kanjalo, ngemuva kokuphuma kwikhabhinethi wafunga wagomela, waze waqala umkhankaso wokuqumba phansi uRamaphosa.
Pho yini, manje esishintshile?
UMkhize nabalandeli bakhe baKwaZulu-Natal abazange babambe iqhaza emzamweni yokuphazamisa uRamaphosa ngasikhathi evula ingqungquthela izolo.
Ngesikhathi owayenguMengameli uMnu Jacob Zuma ebukeka ngathi nguye obengukhomanda wezithunywa zaseKZN ezingaphezu kuka 800, iqiniso lithi uMkhize nguyena ophakanyiswe isifundazwe, kodwa akasiyo ingxenye yamaqabane ahamba noZuma aziwa ngeRET Forces.
UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, omunye wabalandeli bokuqina baRamaphosa ukuqinisekisile ukuthi banezingxoxo nethimba likaMkhize.
Izithunywa ze-ANC azizange zilale ngoLwesihlanu ebusuku njengoba bezibambe imihlangano emahhotela koSandton, zibhunga ngokuthi ngobani okumele bangene ezikhundleni eziphezulu.
Abahola imikhankaso bazama ukuthola isixazululo ngokusingatha umbango ngesikhandla sePhini likaMengameli, okukhona igama lika Ronald Lamula, Mabuyane (Oscar) nelikaPaul Mashatile.
UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi uthe bangaxoxa ngezinye izikhundla kodwa ngeke bayixoxe eyokuthi kuphakanyiswe elinye igama ngaphandle kukaMashatile esikhundleni sePhini likaMengameli.
Okunye okuvelayo ukuthi uFikile Mbalula noMdumiseni Ntuli bobaboli abasohlangothi lukaRamaphosa abaphakanyiswe esikhundleni sikaNobhala-jikelele akekho kubona ozimisele ngokuhosha imfe.
Kuvelile futhi ezingxoxweni ukuthi kusekhona ukubukelwa phansi kwamathimboxo odabeni wezikhundla eziphezulu.
UNgqongqoshe wokuHlaliswa kwaBantu u uMmamabolo Kubayi uthe bazophakamisa ukuthi kube namaPhini amabili kaMengameli, ukuze kwakheke isigungu sabaholi abayisikhombisa abaphezulu.
“Uma ufuna ukulwa nesihlava sokubukelwa phansi kwembokodo, akumele udlale ngemigomo.
“Lesi sihlava sicindezela abantu besifazane,” usho kanje. Uthe bafuna izikhundla ezintathu eziphezulu ziqhoqhobalwe isibhuda. Isithunywa esizophakanyiswa engqungqutheleni sizodinga ukuthi sisekwe izithunywa ezingu 1200, ukuze igama laso sikwazi ukungena embangweni.