Abahlubuki be-ANC bakhala ngokusatshiswa njengoba sekusondela ukhetho

Moyahabo Mabeba

Abaqokelwe ezikhundleni zamakhansela abazimele nalabo abaqhamuka emaqenjini amancane, bahlalele ovalweni njengoba ukungabekezelelani kwezepolitiki nokuzama ukubulala kukhula ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya e-Limpopo.

USeun Mogotsi, ongumholi we-Bolshevik Party of South Africa kuMasipala wase-Elias Motswaledi, uthe amadoda amabili abehlomile aqhamuke ngesikhathi eshintsha isondo ku-Moloto Road mhla ziyi-10 kuMfumfu.

“Omunye wabahlaseli udubulile ezama ukungisabisa,” utshele i-Scrolla.Africa.

“Bangiphoqe ukuthi ngingene emotweni. Bengisaba impela. Ngabona ithuba lokubaleka ngabamba obephethe isibhamu ngesandla ngamluma”.

Uthe ukwazile ukubaleka ngokubalekela esigodini esiseduzane lapho isalukazi ebesicabanga ukuthi uzama ukusintshontshela izitini zaso safonela amaphoyisa ase-Meldridft.

“Bangisindisile,” esho.

UMogotsi, obesendleleni ebheke e-Gauteng, ngokuhamba kwesikhathi uvule icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Mondeor. Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uKaputeni Kay Makhubela uliqinisekisile leli cala.

UMogotsi ozongenela ukhetho oluzimele futhi oyilungu leqembu elincane nguyena ogcine ukubika ngokusatshiswa ngamalungu e-ANC ebusayo.

 Abahlubuki be-ANC abazongenela ukhetho, bakholelwa ukuthi bayahlukunyezwa futhi bayasatshiswa ngokumelana neqembu elikhulu kunawo wonke ezweni.

UMakgaba Lekota, ozongenela iqembu elisanda kusungulwa le-Kingdom Covenant Democratic Party kuMasipala wase-Molemole uthe kunzima ukukhankasa kanye namaqembu amakhulu kulesi simo sezombusazwe esisabekayo.

“Sibona ukungabekezelelani kwabaqokewe emaqenjini amancane ngenkathi osopolitiki abazikhukhumezayo beqhubeka nokusongela iqembu eliphikisayo,” esho.

UMashobane Masenya, ozongenela ukhetho lobukhansela oluzimele kuMasipala wase-Mogalakwena, uthe ngemuva kokusinda esichothweni sezinhlamvu mhla ziyi-17 kuNcwaba usabhekene nokusatshiswa okusongela impilo yakhe.

Njengoba kungaziwa ukuthi ngubani owazama ukubulala uMasenya, uthi akangabazi nakancane ukuthi lokhu kuhlasela bekuhambisana nepolitiki.

Khonamanjalo, i-ANC e-Limpopo ithe ikhathazekile ngokugcwala kwabantu abazimele esifundazweni sonke.

USoviet Lekganyane, unobhala wesifundazwe, uthe iningi lalaba bantu ababengenele ukhetho phambilini babebamba iqhaza ezinhlelweni zangaphakathi ze-ANC.

“Yize i-ANC iwahlonipha amalungelo omthethosisekelo esakhamuzi ngasinye okungenela ukhetho, akwamukelekile ukuthi igama elihle lezepolitiki le-ANC lihlukunyezwe ngale ndlela,” esho.

Izihloko zakamuva