Abahlengikazi basolwa ngokungahloniphi iziguli

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Iziguli ezihambela imitholampilo elokishini laKwaLanga ukuzolanda imishanguzo yesandulela ngculazi ziveze ukuthi zihamba wonke umuntu esazi ukuthi zinegciwane futhi lokho kululaza isithunzi sabo.

Lokhu kungenxa yabahlengikazi abasemtholampilo yomphakathi abahlulekayo ukugcina ukugula kwabo kuyimfihlo.

Iziguli eziningi ezweni lonke ziyahluleka ukuthatha imishanguzo yazo ngendlela okungaholela isiguli ukuthi sishone ngoba sisaba ukuhlazeka phambi komphakathi.

Ongoti bathi ukucwaswa ngokuba nengculazi kungaholela ekutheni iziguli ziyeke ukuthatha imishanguzo yazo.

Ezinye iziguli zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi ziye zathukwa futhi zahlazeka phambi kwezinye iziguli.

Bachaze ezinye zezehlakalo eziyihlazo kakhulu eziphula umthetho wemfihlo phakathi kwesiguli nomhlengikazi.

ULusindiso Jack (39) uthukile ezwa umhlengikazi etshela isiguli ukuthi uma siqhubeka nokungalaleli sizoshona.

“Abenzi kahle futhi umhlengikazi akazange akhombise ukuzisola nangemuva kokuba akhuzwe ngezinye iziguli.

“Ngokudelela uthe ngeke ngikuncenge ukuba uphuze imithi yakho nguwe ozoshona, kodwa uzozwa ubuhlungu obuningi ngaphambi kokuba ushone.”

Umngani kaThandiswa Mamane uye emtholampilo ukuyolanda imishanguzo ye-STI, kodwa wathukwa phambi kwezinye iziguli.

“Umhlengikazi uqhube wathi umngane wami uhambe elala njengengane encane engazi lutho ngezifo ezithathelana ngocansi.

“Bafunge ukuthi bazosebenza, kodwa benza okuphambene nalokho baphula amalungelo abantu ngaphezu kwezifungo zabo. Kukhona okumele kwenziwe ngokushesha.” Isishoshovu uZongamele Baliso uthe umphakathi kungase kudingeke ukuthi ubhikishe.

“Umbiko ngomtholampilo ngiwutholile ngihlela umhlangano nabaphathi. Kuthiwa abantu bayahlupheka ayikho imfihlo ngezifo zabo.”

Iziguli eziningi zikholelwa ukuthi abasebenzi basemtholampilo kufanele babe ngochwepheshe futhi bahlonipheke.

“Ngikholwa ukuthi kuyilungelo lomhlengikazi ukuthethisa iziguli uma zingayiphuzi imithi yazo, kodwa lokho bangakwenza ngasese.

“Kunamagumbi angenalutho abangawasebenzisa emtholampilo lapho abahlengikazi bengakwazi ukuxoxa nomuntu ngamunye neziguli ezihlulekayo ukuthatha imishanguzo ngendlela kunokuthi baziphoxe phambi kwawo wonke umuntu.”

UMnu Patricia van der Ross onguNgqongqoshe wezeMpilo kanye nokusebenza komphakathi e-Western Cape, uthe uMnyango wezeMpilo unenqubo ejwayelekile yokusebenza ukuze ulawule izikhalazo kanye neziphakamiso ezikhungweni zikaMasipala.

“Iziguli zingakhalaza ngqo kumphathi womtholampilo noma kowesibili ophethe njengoba bekhona esikhungweni. 

Kuseqhulwini kunoma yiliphi ihhovisi ukuqinisekisa ukuthi izikhalozo ziyaphenywa futhi ziyalungiswa.”

Esithombeni esingenhla: Umtholampilo wakwaLanga eKapa usole abasebenzi ngokungasebenzi kahle futhi bephula amalungelo abo.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva