Abahlanza izibhedlela bafuna ukugonywa kanye nabasebenzi bezempilo

Lungani Zungu

Izisebenzi ezihlanza izibhedlela zithi azithathwa njengabasebenza phambili kuhlelo lukahulumeni lokukhishwa kwemithi yokugoma i-Covid-19 yize zihlanza amagumbi asesibhedlela lapho okuhlinzwa khona abantu, amawadi ahlala abantu ngokuhlukana kanye namagumbi abantu abanegciwane.

UMnuz Thabani Cele, owenza umsebenzi wokuhlanza esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi, ukhwele wadilika kuhulumeni ngokungabagomi kanye nabasebenzi bezempilo abaphambili.

Uthe, njengabahlanza isibhedlela izimpilo zabo zisengcupheni.

“Ngokungasigomi nabahlengikazi kanye nodokotela, uhulumeni usikhombisa ukuthi izimpilo zethu azibalulekile. Lokhu kufana nokusiphonsa emfuleni ogcwele izingwenya.”

Inqwaba yesibili yemithi yokugoma eyi-80,000 evela ku-Johnson & Johnson ifike e-OR Tambo International Airport ngoMgqibelo isuka e+Belgium.

Kodwa ngenkathi abaningi begubha, uCele uthe akukho angakujabulela.

“Angikwazi ukugubha ukuthi kufanele ngivuke nsuku zonke ngiye emsebenzini lapho engingatheleleka futhi mhlawumbe ngife ngenxa ye-Covid-19. Lokhu akulungile. Nathi kumele sigonywe,” kusho uCele.

Uqhube wathi: “Sihlanza isibhedlela esigcwele abantu abane-coronavirus, kodwa asigonywa. Lo hulumeni usitshela ukuthi asibalulekile kuhlelo lwezempilo.”

Bangaphezu kwezi-63,000 abasebenzi bezokunakekelwa kwezempilo abavela ezibhedlela zikahulumeni nezizimele abagonywe ngohlelo iSisonke Programme, ehlinzeke ngezindawo zokugoma eziyi-18.

Omunye umhlanzi wesibhedlela ongathandanga ukudalulwa igama lakhe uthe, ubezosula esikhundleni ukuba ubengenawo umndeni azowondla.

“Isikhathi sami esiningi ngisichitha lapha, ngibona abantu bebulawa yilolu bhubhane nsuku zonke. Sihlanza amawadi abantu abaphethwe yileli gciwane.”

Lo mhlanzi wesibhedlela unxuse uhulumeni ukuthi nabo ubabeke eqhulwini.

Ubesemsebenzini ngesikhathi uNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala eya esibhedlela iPrince Mshiyeni ngesikhathi kugonywa okokuqala abasebenzi bezempilo esibhedlela emasontweni amabili edlule.

“Inhliziyo yami yashona phansi ngesikhathi kungekho noyedwa okhuluma ngokugoma abahlanza isibhedlela kanye nonogada nabo ababhekene nengozi enkulu yokutheleleka ngegciwane.”

Balinganiselwa kwizi-50 000 abantu baseNingizimu Afrika asebeshone ngenxa ye-Covid-19 kanye nokuthelelaka kwabantu abangaphezu kwezigidi eziyi-1,5 ezirekhodiwe.

Umthombo wesithombe: @AFP

Izihloko zakamuva