Abahlali bendawo yaseNtabankulu bavale imigwaqo bethi ngeke bavote kulo nyaka

Zukile Majova

Izikhulu zekhomishana ezimele (i-IEC) zivuke zabhekana nenkinga ngesikhathi abantu basemakhaya, becikwa ukungalethwa kwezidingongqangi, bediliza amadwala bevala umgwaqo okuwukuphela kwawo oya emizini yabo.

Isigodi saseNdwane eNtabankulu e-Eastern Cape asinayo imigwaqo, asinamanzi, asinazindlu zomxhaso futhi asinazo nezindlu zangasese.

Okubonakala sengathi kwake kwaba umgwaqo empeleni kwakungumzila wezinyawo ohlangothini lwegquma, kamuva osushintshwe waba mkhulu ngokwanele ukuba imoto eyodwa nje ihambe kuwo.

Imoto ayikwazi ukudlula uma iqondene nenye futhi akukho ndawo yokudlula uma izimoto zibambezelekile.

Ngemuva kweminyaka belwela izinsiza ezingcono, abahlali basemadolobheni ahlukene ahlangana emhlanganweni womphakathi anquma ukungavoti okhethweni lohulumeni bendawo lwangonyaka wezi-2021.

Ngesikhathi izintatheli zemithombo yezindaba ehlukene zizama ukungena kule ndawo zijikijelwe ngamatshe umphakathi kwiwadi ye-9 othi awusazimisele ngokuxoxisana namuntu.

Ngisho nokuthatha izithombe zalo mbhikisho bekunzima kakhulu futhi kwabeka impilo yabezindaba engcupheni, abebengenakho abangakwenza ngaphandle kokuthi bajike.

Ngokuhamba kosuku kufike amaphoyisa nezikhulu zakwa-IEC ne-TLB bezovula umgwaqo. Kodwa umphakathi ufunge wagomela ukuthi ngeke kube khona ukuvota endaweni.

Kwenye ingxenye yesifunda i-Alfred Nzo, esigodini sase-Lugangeni, izikhulu zakwa-IEC zibike ngesibalo esiphezulu sabantu abasha amagama abo angaveli ohlwini lwabavoti.

USibusiso Mgcumbe wakusona lesi sigodi, ujabulile ukuthi isigodi sakhe sinogesi, isikole samabanga aphezulu (i-Makaula Senior Secondary School), kanye nezinhlelo ezahlukene zezolimo.

“Ngilapha ukuzovotela iqembu lami namuhla. Ngivota ngoba ngifuna intuthuko engiyibona endaweni yangakithi iqhubeke. Lesi ngesinye sezigodi ezimbalwa endaweni yase-Transkei ezinogesi, imigwaqo emihle kanye nezikole ezinhle, kusho uMgcumbe.

“Yebo, ngiyayibona inkinga yokuhlinzekwa kwamanzi lapha kuWadi ye-15, kodwa sinazo izikhalo ezimbalwa ngakho ngifuna izinto ziqhubeke.”

Izihloko zakamuva