Nyambeni Mandiwana
Kuyingxenye yeprojekthi yezigidi eziyi-103.7 zamarandi yokulethwa kwamanzi kwesinye sezifunda esingenawo amanzi e-Limpopo, kodwa abahlali abanganeme bavimbele ukwakhiwa kwengqalasizinda ukuthi kuqhubeke.
Yize isigodi sase-Tshituni siswele amanzi, abanye abahlali bamise umsebenzi wokwakha befuna ukuthi kuxoshwe abasebenzi abaqashwa ngaphandle kokulandela imigudu efanele.
Ngokusho komholi waleli qembu elingeneme, uShumani Rammbwa, uhlelo lokuqashwa lwe-Tarcron Projects lwathathwa ngosopolitiki ababedlelana nabaholi bendabuko.
Uthe osopolitiki baqasha abangani babo ukuze baqhubeke nokubusa.
“Kubasebenzi basekhaya abangama-32, bahlanu kuphela abaqashwe ngendlela kanti abanye abangama-27 bangena ngomgunyathi ngenxa yenkohlakalo nokucwasana,” usho kanje.
“Asihambisani nenkohlakalo. Le nkampani izovala ngoLwesihlanu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, ngakho-ke ngoMasingana ngowezi-2022, kuzoba nabasebenzi abasha futhi abaqashwe ngokufanele,” kusho uRammbwa.
Ongumholi wesintu noyiNduna yendawo uTshifhango Netshituni uthe ukuqashwa kwabasebenzi kwenziwa obala ehholo lomphakathi futhi uRammbwa uphusha izinhloso zakhe.
“Lezo zisebenzi sezinezinyanga ezine zihola e-Tarcron Projects. Ukumisa ukwakhiwa kuzokwandisa inkinga yamanzi endaweni. Sizame konke okusemandleni ukuthi ukwakhiwa kuqhubeke sisaxazulula udaba ngezingxoxo, kodwa uRammbwa ukuphikile lokho,” usho kanje.
Uthe abantu bawaswele amanzi.
“Abanye abantu bayasizakala bayokha amanzi esigodini sase-Rabali bawadayise lapha,” kusho uNetshituni.
Uthe ukugcwalisa ithange lamanzi angamalitha angama-500 kubiza imali engamarandi, isigubhu samanzi sibiza imali engama-50 wamarandi, kanti isigubhu samanzi esingamalitha angama-25 sibiza inani lemali eliyishumi nambili.
Umhlali wakule ndawo uTshinyadziwa Mudau, uthe ufuna luqhubeke lolu hlelo ngoba usekhathele ukuthenga amanzi.
UMatodzi Makhoshi ongumphathi waleprojekthi ye-Tarcron uthe inkampani isiqalile ngokunqanyulwa kwezinkontileka kanti labo bantu bazobe sebephumile njengoba kuzoholwa ngoLwesine.
“Asikaze sizibandakanye nokuqashwa kwabantu bendawo. Ingxenye yokuqasha yenziwa umphakathi uqobo wasinika uhlu lwalabo abafeza izidingo,” usho kanje.
Okhulumela umasipala wesifunda sase-Vhembe uMatodzi Ralushai uthe lo msebenzi uyingxenye yohlelo lwamanzi lwesifunda sase-Mutshedzi olunesabelo sezigidi eziyi-103.7 zamarandi futhi seluphothuliwe ngamaphesenti angama-71.
“Uma isiqediwe izohlinzeka ngamanzi endaweni yase-Divhani, e-Dzanani, e-ha-Maphaha nase-Rabali,” kusho uRalushai.