Abahlali bathukuthele njengoba izigxobo zikagesi zivimba imizi yabantu

Everson Luhanga

Kufakwe izigxobo zikagesi phambi kwamasango ezindlu okungenani eziyi-15 e-Soweto, okwenza izimpilo zabahlali zibe lusizi.

Ayikho inkampani kagesi ebhekele izigxobo futhi abahlali ebebethukuthele batshelwe ukuthi kuzofanele bakhokhe ukuze zisuswe.

Abakwazi ukufaka izimoto zabo emagcekeni abo ngoba izigxobo zivimba indlela, futhi kunzima ukufaka nefenisha yabo ngaphakathi.

Abanye balaba bantu base-Soweto bayasaba ukuthenga izimoto ngoba abanandawo yokupaka.

Labo abanezimoto baphoqeleka ukuthi bakhokhe izindleko ezinkulu ukuzipaka kwenye indawo.

UNomsa Phiri wase-Braamfischerville, e-Soweto uthe uma enezivakashi ezinezimoto, kufanele zipake ngaphandle.

UNomsa oqashe egcekeni, uthe ngesikhathi eqala ukuhlala khona eminyakeni emibili eyedlule, izigxobo zase zikhona.

“Uma sithenga ifenisha, kuba nzima ukuyingenisa ngaphakathi,” esho.

“Kumele senze izinhlelo ezinkulu zokuthi singazifaka kanjani izinto ezinkulu njengamafriji, imibhede kanye nosofa egcekeni. Kubuhlungu.”

Uthe izingane zakhe kumele zigade izimoto zezivakashi ezingaphandle ngoba kungenzeka noma yini besasendlini.

Uthe ngesikhathi umninikhaya ebuza ngalezi zigxobo batshelwa ukuthi kumele bakhokhe ukuze izigxobo zisuswe.

“Asinayo imali futhi akulona iphutha lethu ukuthi izigxobo zikhona phambi kwesango lethu,” kusho uNomsa.

Umhlali uThulani Maseko uthe akazi noma yi-Eskom noma i-City Power abalethe usizi olungaka.

“Izigxobo ziphazamisa kakhulu,” esho.

Umholi womphakathi endaweni uJoel Mabaso uthe indlu kaNomsa bekungeyona yodwa.

“Sinezindlu ezingaphezu kweziyi-15 elokishini ezinezigxobo ezivimbe amasango,” esho.

“Abanye abantu bakhokha intela ephindwe kabili ukupaka izimoto zabo kwenye indawo ngoba abakwazi ukufaka izimoto zabo emagcekeni abo.”

Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena, uthe imvamisa abantu bakha izindlu ngemuva kokuhlelwa kwedolobha nokufakwa kwengqalasizinda, ebese kusolwa idolobha.

“Ziningi lezo zimo. Sicela abantu babhalele izikhalazo zabo kwidolobha laseGoli ukuze bathole olunye usizo.”

Izihloko zakamuva