Arthur Greene
Ukuhlinzwa kwamahlengethwa cishe ayizi-1,500 njengosiko lokuzingela e-Faroe Islands ezweni lase-Europe sekulethe ukucasuka kubantu abaningi.
Usiko, elithi ihlengethwa elinombala omhlophe esayidini lisondezwa osebeni lwamanzi enyakatho ne-Atlantic bese lihlinzwa ngommese nezipuni, sekulethe intukuthelo kwabaningi eminyakeni eminingi edlule.
Kodwa-ke, kule nyanga abazingeli abalandela lolu siko sebevele bacasuka kakhulu, ngemuva kokutholakala kwamahlengethwa amaningi ebulewe.
Ukuzingelwa okwenzeke ngeSonto “kubulawe amahlengethwa kanye nemikhomo eminingi emlandweni wase-islands,” kusho iqembu elizibiza ngezimvu zolwandle, elivule umkhankaso weminyaka ophikisana nalolu siko olubizwa nge-Grind.
Eminye imibiko elokhu ivela baqagela ukuthi lokhu kuzingela okukhulu kangaka bekuqala emlandweni wabo nasemhlabeni.
“Ngokujwayelekile inyama abasuke beyithathile inikezwa bonke ababe yingxenye kanye nomphakathi waleyo ndawo obekuzingelwa kuyo,” kusho iqembu litshela i-Washington Post.
Noma kunjalo, inani lokubulawa kwamahlengethwa lijwayele ukuba ngama-600.
“Iningi kakhulu inyama ephume kulaba abakade bezingela kunale edingwa abantu, kanti amahlengethwa azohanjiswa kwenye indawo ngethemba lokuthi angeke alahlwe.”
Usihlalo wenhlangano evikela imkhomo u-Olavur Sjurdarberg osekela usiko, utshele i-BBC ukuthi abazingeli abazange babone ukuthi sebebulale amahlengethwa amangaki.
“Leli kube iphutha elikhulu” kusho uSjurdarbeg, obengekho ngesikhathi kuzingelwa. “Ngesikhathi amahlengethwa etholakala, bazitshele ukuthi bazingele angama-200.”
Ngemuva kokududulwa amanzi amancane abazingeli behamba ngesikebhe, amakhulu ezilwane ezincelisayo bazishiye amahora amaningi, zingakwazi ukuphefumula, ngaphambi kokuba zihlinzwe.
Usiko oluvikelwa umphakathi obuka inyama yamahlengethwa njengenyama ebalulekile ekudleni kwabo kanye nasemlandweni wamasiko abo, njengoba inyama yamahlengethwa ibidliwa ngisho abafika kuqala kule ndawo.
Noma kunjalo isikali sakulo nyaka sokuzingela, sithukuthelise abahlali abaningi. Inyama yamahlengethwa ayizi-1,428 – ngalinye linesisindo esi-100kilogram – izotholwa inani labantu cishe abayizi-50,000 ukuze badle.
Umthombo wesithombe: @seashepherd