Abahlali baseSmarties necebo elimnandi lokulwa nobugebengu

Lubhalwe ngBuziwe Nocuze

Izakhamizi zase-Smarties eMfuleni, eKapa ​​zivale izindawo zokungena nezokuphuma endaweni yazo ukuze zilwe nobugebengu obukhungethe umphakathi wazo.

Ngesonto eledlule basebenzise amapayipi, amatshe nesihlabathi ukuvala imigwaqo. Kusukela lapho abahamba ngezinyawo bebekhululekile ukungena nokuphuma kule ndawo kodwa izimoto azikwazi ukungena endaweni.

Isinqumo sokuvala imigwaqo sithathwe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi abike ukuthi abeyizisulu zobugebengu obunodlame ezandleni zezigebengu ezingena endaweni kalula ngenxa yezindawo eziningi zokuphuma nokungena.

USiyolise Dumashe uthe uzithele phezu kwabesilisa abathathu abebehamba ngemoto yohlobo lwe-Avanza emhlophe bezenza abadukile abafuna umngani wabo endaweni.

“Ngibatshele ukuthi angikaze ngizwe ngomuntu onegama elifana nalelo,” esho.

Ngokuhamba kwesikhathi ngesikhathi ebuya esitolo uye wabona le-Avanza imlindile futhi izigebengu ziye zathatha yonke into endlini yakhe ngisho nenyama ebiku-microwave.

U-Anele Mkhontwana ubanjwe inkunzi esendleleni eya emsebenzini ngamadoda amabili abemlandela.

“Ngiyibonile imoto ipake eduze komunye wemizi kodwa angizange ngicabange ukuthi izigebengu ngize ngathuka ngesikhathi bengilandela,” esho.

Bamphuce umakhalekhukhwini futhi akakwazanga ukulwa ngoba bebephethe izibhamu.

“Ukuvala eminye imigwaqo iyona ndlela engasivikela ezigebengwini. Okungenani manje bazosebenzisa indawo eyodwa yokungena nokuphuma.”

Ikhansela uMongezi Madikane uyayivuma ingozi umphakathi obhekene nayo.

“Izakhamizi zibike ngengozi ezikuyo njengoba kunezindawo eziningi zokuphuma nokungena kule ndawo ngase ngizeluleka ukuthi ziqale ukuqapha ngoba anginalo ilungelo lokuzivumela ukuthi ziqhubeke nalokho,” kusho uMadikane.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uxwayise ngokuthi ukuvalwa kwemigwaqo nokuphazamisa ingqalasizinda okungeyona eyabo kungase kube icala.

“Sinxusa umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla kodwa ubikele iziphathimandla ezifanele,” esho.

“Sikhuthaza amalungu omphakathi ukuthi angenele izinhlaka zamaphoyisa omphakathi njenge-Community Policing Forum, izigcawu zobugebengu ezinhlakeni nezinhlangano ezizinze emiphakathini kanye nezinhlangano ezizimele lapho abangakwazi ukufaka isandla ekuphepheni kwemiphakathi yabo,” esho.

Esithombeni esingenhla: Umphakathi wase-Smarties eKapa 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva