Abahlali basemjondolo bayahlaselwa

Sammy Moretsi

Izakhamizi zemijondolo e-West Rand eGoli zihlala ngokwesaba iqembu lezigelekeqe le-Basotho elibasabisayo.

Izakhamizi zase-Tambo, Mandela, e-Spooktown nase-Silver City e-West Rand eGoli zithi izinhlamvu bezindiza emijondolo nasemizini yabo. Bathi banovalo lokucima amalambu ebusuku.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kunovalo emphakathini njengoba amadoda, azimboza ngezingubo, ehlasela futhi ebamba inkunzi.

Amaqembu ezigelekeqe za-Basotho aziwa ngamagama okuteketisa afana no-Bomayeu noma u-Bo ngwana Mme.

Ngaphezu kokuhlasela umphakathi, kubonakala sengathi amaqembu ezigebengu kungenzeka ukuthi nawo alwa wodwa.

UNtombikayisi Majolo oyisakhamuzi uthe wethuke kakhulu, akasayibuki imubukiso yakhe yakumabonakude ebusuku.

Muva nje, kutholakale izidumbu ezimbili sowesifazane nowesilisa zilahlwe e-Spooktown eduze kwamathuna.

UNtombikayisi uthi ngobusuku amaphoyisa athola izidumbu ngabo, wezwa owesifazane ekhala ecela usizo ngemuva kwemizuzu kwaqhuma isibhamu.

“Besesaba ukuphuma ngaphandle ngoba besizwa umsindo wamadoda athukuthele ekhuluma. Ngalunguza ngewindi, ngabona abanye bebhace emakhoneni amnyama emigwaqweni,” kusho uNtombikayisi.

UKwanele Mthombeni uthi unovalo lokuthi uzophelelwa ngumsebenzi ngoba akakwazi ukuvuka ekuseni kakhulu – ngenxa yokwesaba ukuhlangana namadoda ambethe izingubo.

“Uma ungabaniki abakufunayo bayakudlwengula futhi bakubulale uma ungumuntu wesifazane. Kubuhlungu kakhulu ukuhlala kule ndawo,” uyasho.

Elinye ikhansela le-ANC ewadini, uMnu Thabane Mngomezulu, uthi uyazulazula kule ndawo ebusuku, kodwa udlame luyaqhubeka ngale kwemizamo yamaphoyisa.

“Amaqembu ezigelekeqe alwa nezakhamuzi ezingenacala. Angikwazi ukushiya abantu abangivotele besengozini.”

Uthe kunamahlebezi okuthi lezi zigilamkhuba nazo “zilwa zodwa ngothuli lwegolide abalugubhayo ezimayini ezingasasebenzi”.

“Ulaka lwabo lutshontshe ukuthula kwabantu,” uyasho.

Izihloko zakamuva