Abahlali baseGiyani babhikishele ukungabibikho kwenyuvesi

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Abahlali baseGiyani ebebethukuthele begane unwabu bavale imigwaqo ngamatshe namathayi avuthayo bebhikishela ukungabi bikho kwezikhungo zemfundo ephakeme kule ndawo.

Abahlali bafuna uhulumeni alungise izakhiwo ezingasasetshenziswa zesikole esidala nesingasebenzi kahle i-Giyani College of Education asenze inyuvesi noma ikolishi lemfundo ephakeme nokuqeqesha.

UMnuz Vusimuzi Chauke, ongusihlalo wenhlangano i-Giyani Concerned Residents uthe ngemuva kokungena kwentando yeningi eNingizimu Afrika ngo-1994, abahlali bathenjiswa ukuthi kuzokwakhiwa isikhungo semfundo e-Giyani.

“Besihlale sithenjiswa njalo kodwa akukho okubambekayo okwenziwayo – kufana nokuthi abanandaba nezidingo zemfundo zezingane zethu,” kusho uChauke.

“Iningi lezingane eziphothule umatikuletsheni zihleli emakhaya azenzi lutho ngoba azisitholi isikhala emanyuvesi nasemakolishi akwezinye izingxenye zezwe.”

UChauke uthe abahlali bakholelwa ukuthi ukuba nenyuvesi noma ikolishi e-Giyani kuzosiza ekwehliseni umthwalo obhekene nabahlali uma befuna ukuqhubeka nemfundo yabo.

Ngokusho kukaPercy Mthombeni, oyilungu leqembu i-Giyani Concerned Residents uthi bangaphezu kuka-500 abafundi abaphothule isikole nyakenye e-Giyani kodwa abakathathwa kunoma yisiphi isikhungo semfundo ephakeme.

“Ikusasa libukeka lifiphele kubafundi abaningi njengoba bengenandawo yokufunda,” usho kanje.

“Akusikho nokuthi asinayo indawo. Zikhona izakhiwo zamakolishi ezindala ezishiywe zinganakiwe isikhathi eside. Kumele baguqule lezo zakhiwo zibe isikhungo sokufunda imfundo ephakeme.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Limpopo, uNeil Shikwambana uthe yize kunombhikisho, ubonga kakhulu ngokuthi abadinga usizo lwezempilo bayavunyelwa ukudlula.

Esithombeni esingenhla: Abahlali bavale imigwaqo eya edolobheni lase-Giyani kusukela ngehora lesibili ekuseni. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva