Everson Luhanga
Ngemuva kokudlwengulwa, ukugetshengwa noma ukuhlaselwa ngodlame, abantu bendawo bayabika ubugebengu esiteshini samaphoyisa e-Tembisa Rabasotho, kodwa basuke bazi ukuthi umphumela uzoba yini.
Amaphoyisa abehluleka njalo ukubopha abenzi bobubi, futhi noma abasolwa beboshwa, bebephinde babonakale sebehamba futhi emphakathini ofanayo.
Ubugebengu obuqhubekayo obungalawuleki bubeke abahlali engcupheni, njengoba begcine besebenzise udlame olwedlulele ukuze umphakathi wabo uphephe.
Ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, abahlali base-Tembisa esigcemeni sikaWinnie Mandela babulale abantu abane ebebebasola ngokuthi izigebengu ngokubashisa bephila.
Ngempelasonto yomhla zingama-23 kuMfumfu, abahlali baseWinnie Mandela babambe abesilisa abathathu abasolwa ngokugebenga abantu nokugqekeza kule ndawo.
La madoda ashaywe abhunyelwa ngophethiloli ngaphambi kokuba ashiswe.
NgeSonto, mhla zingama-31 kuMfumfu, omunye wesilisa bamshaye bambhunyela ngophethiloli ngaphambi kokuthi bamshise.
ULesedi Zwanga, ozwe ukukhala kowesilisa obeshona, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi naye wezwa abantu bememeza bethi asiqale simshaye simbhunyele ngophethiloli ngaphambi kokuthi simshise.
Umsolwa ushiswe ngendlela engaziwa kanti abantu ababandakanyeka kulesi senzo bashiye inqwaba yomlotha e-Zone 6, ngokusho kukaLesedi.
UKholofelo Makena uthe uyisisulu sezigebengu ezibulewe, futhi usahlalele ovalweni ngenxa yala macala.
Iqembu lokuqala labesilisa abathathu abashiswe bephila basolwa ngokudlwengula. Babanjwa ngobusuku obubodwa bashaywa kanzima ngaphambi kokuba babulawe, kusho uMakena.
“Obulawe ngeSonto ubentshontshe umabonakude. Ushiswe eduze komabonakude abewuntshontshile.”
NgoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalombili kuMfumfu, cishe amakhaya ayi-17 eWinnie Mandela e-Zone 4, 6, 8, 9 yahlaselwa ngesikhathi iqulu labesilisa abane abahlomile begasela ezindlini zabo.
Abantu abane, okuhlanganisa nowesifazane okhulelwe, balimala bangeniswa esibhedlela.
UKholofelo uthe ngesikhathi abasolwa bengena endlini bafuna omabonakude, omakhalekhukhwini kanye nemali.
Okhulumela amaphoyisa uConstable uPatricia Mgijima usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala abantu abane kanti akekho osaboshiwe kuze kube manje.
UConstable Mgijima uphinde wanikeza isibuyekezo ngecala lokugebenga elenzeke ngobusuku bangomhla zi-8 kuMfumfu wathi amaphoyisa abengakabophi abasolwa.