Abahlali base-Greytown basabise ngokubhikisha ngemuva kokungaziswa ngezinguquko ezizokwenziwa emphakathini

Celani Sikhakhane

Umphakathi wasemakhaya e-Midlands KwaZulu-Natali udiniwe ngenxa yokushintshwa  kwesigceme sewadi nokususwa kwabo ngaphambi kokuba kuxoxiswane nabo.

NgeSonto, umphakathi wasendaweni yase-Mbulwana e-Greytown usabise ngokubhikisha ngesikhathi sokubhalisela ukuvota ngemuva kokuba batshelwe ukuthi abasekho ewadini lesibili futhi nalaba abaqokiwe akusebona laba abaqokwe ibona.

Abaholi baphoqelekile ukuba bafike bazotshela umphakathi ngezinguquko.

Ilungu lomphakathi ebelidiniwe uPhetheni Ngubane uthe kade bekhathazekile ngoba ukushintshwa kwesigceme kusho ukuthi intuthuko abekade beyilindele angeke besakwazi ukuhlomula kuyo.

“Bekunentuthuko yamanzi kanye nokwakhiwa kwemigwaqo ebesikulindele, kodwa manje angeke sisakuthola lokho ngenxa yokuthi asisekho kwiwadi” kusho uNgubane.

“Okunye esibhekene nakho ukuthi angeke sivotele abantu abakhethwe yithi. Sekumele sivotele umuntu esingakaze samubona ngamehlo ethu.”

UNgqongqoshe wezamasiko nobuciko, uHlengiwe Mayimbela kanye nomholi womkhandlu eqenjini le-ANC eMzinyathi uLucky Moloi bekumele babhekane nomphakathi odiniwe ngesikhathi beyingxenye yalaba abaseqenjini abakhankasela ukubhalisela ukuvota.

UMoloi utshele umphakathi ukuthi noma zikhona izinguquko, kodwa izinqumo ezinye zavinjwa imthetho ye-Covid-19.

“Umhlangano kumele uhanjelwe abantu abangama-50 ukuze sigcine umthetho we-Covid-19, kodwa sizolithatha lolu daba siphinde silubuyekeze,” kusho uMoloi.

Okhulumela ikhomishini ezimele yokhetho KwaZulu-Natali, uThabani Ngwiri uthe zonke izinguquko zenziwe futhi bakwazile ukuhlangana nabantu abathintekayo ngalezi nguquko.

“Senza inqubo yokubonisana kusukela mhla zingama-26-kuya kumhla zingama-30 ngoNhlangulana. Sahambela izindawo zomphakathi ezithintekayo ngisho emzini yabo ukuze senze isiqiniseko ukuthi wonke umuntu uyazi ngalezi nguquko, kusho uNgwira.

UNqgongoshe uMavimbela utshele umphakathi obudiniwe ukuthi ukusebenza kwabo angeke kubaphazamise ngoba abekho ohlelweni lwesigceme, futhi bangaphansi kwendabuko yesiphathimandla esingaphansi kweNkosi yaleyo ndawo ethize. 

Izihloko zakamuva