Zukile Majova
Ngikhuthazekile ngokubona indlela abantu basemakhaya KwaBhaca esifundazweni sase-Eastern Cape abazama ngayo izindlela zokuziphilisa njengoba bengenakho okuningi, futhi bengasekwa uhulumeni ukuze baphile baphinde banakekele nemfuyo yabo.
Ama-Bhaca afika kulo mhlaba engenalutho, ngemuva kokuhamba ibanga elingamakhilomitha angama-600 ngezinyawo besuka KwaDukuza eyaziwa nge-Stanger, bebalekela iNkosi uShaka Zulu beyohlala ezindaweni ezifana noMzimkhulu kanye ne-Mount Frere.
Lesi sizwe esisebenza ngokuzikhandla sinomhlambi wezinkomo, izimbuzi, izimvu baphinde babe namasimu emhlabeni wabo ovundileyo.
Njengoba isifunda sase-Eastern Cape sinesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi, imindeni eminingi isibuyele endleleni yakudala yokuziphilisa ngamasimu.
Ucwaningo lakamuva lwabasebenzayo olukhishwe i-stats saseNingizimu Afrika samemezela ukuthi izinga lokuqasha lingamaphesenti angama-47, lokhu kusho ukuthi oyedwa kubantu ababili akasabenzi.
Uma kukhulunywa ngeqiniso, imizi engamakhulu isithatha ukuzitshalela njengento eseqopheleni eliphezulu.
I-Scrolla.Africa ivakashele ikhaya likaMzuvelile Shushu oneminyaka engama-65 e-Toleni ngaphandle kwase-MT Frere lapho sithole uShushu ohola impesheni evuna impuphu ephuzi elungiselela ukuyoyidayisa.
UShushu owayesebenza ezimayini, uchithe iminyaka engama-40 esebenza emayini ebizwa nge-Orkeney mining esifundazweni sase-North West.
“Ngabona ngisanda kushiya emsebenzini ukuthi angeke ngikwazi ukuthenga yonke into ezitolo njengoba amanani ezimpahla enyuka mihla namalanga”.
“Sinenhlanha ukuba namasimu endaweni yethu, nokuba nezindawo eziningi zokukhulisa impuphu ngokuhlela komphakathi njengoba i-hectare elilodwa limele umndeni ngamunye.”
UShushu unomhlambi wezinkomo ezingaphezulu kwezingama-50 futhi kwesinye isikhathi ujwayele ukudayisa eyodwa uma kunomngcwabo noma umcimbi wabaphansi adayise ngemali eyizi-13 000 zamarandi. Izimvu uzidayisa izi-1,800 zamarandi bese kuthi ingulube esikhulile ibiza izi-3,200 zamarandi.
UNasela Majova, osanda kuvuna impuphu yakhe, uthe okuvunwe uyena akudayisi.
“Asikudayisi esikuvunile, sisuke senzela imindeni yethu ukuba iphile siphinde sisize nemfuyo ikakhulukazi ngezinyanga zobusika.”
Ukuba namasimu noma ukuzitshalela sekusize imindeni eyizinkulungwane enhlwempu futhi isiyakwazi ukwenza imdlana iphinde ibeke imali ngesikhathi sokuvuna.
Asebemkantshubomvu bathi uma ngabe likhithikile ebusika, ukuvuna konyaka ozayo kuba ngcono kakhulu futhi benza imali eningi okudlula unyaka osewadlula.
Kungenxa yalesi sizathu ukuthi noma ngabe sihlala emakhaya noma ezindaweni ezingaphandle, ithemba lethu lisanathi.