Elmon Tshikhudo
Esikhathini esingangenyanga esedlule abahlali base-Dididi bathola inqwaba yezinkukhu ezaziqhamuka ezihlahleni sengathi umlingo.
Sekuphinde kwenzeka futhi lokho!
Ngempelasonto, zingaphezu kwama-200 izinkukhu ezibonwe ngabenzi bezitini zodaka osebeni lwe-Nandoni Dam ngase-Thohoyandou e-Limpopo, okuyindawo efanayo nalapho okwatholakala khona izinkukhu ngaphambilini.
Abahlali abajabule baxwayiswe ngokungazidli, kodwa abakwazanga ukumelana nesilingo sesidlo sasebusuku samahhala!
Umenzi wezitini uSimeron Mavunda uthe ubone abantu bephethe izinkukhu ezifika kwezinhlanu umuntu ngamunye wase ehlekisa ngokuthi izinkukhu seziphinde zawela umgwaqo.
Uthe ube nenhlanhla yokubamba izinkukhu eziyisikhombisa zingakanyamalali zonke.
“Kulenyanga nje edlule ngathola izinkukhu eziyishumi ehlathini,” kusho yena.
“Songe imali eningi njengoba singazange siyithenge inyama yenyanga yonke.”
USimeron uthe babeka izimpilo zabo engcupheni bezama ukubamba izinhlanzi edamini eligcwele izingwenya, kodwa kulokhu uNkulunkulu uyizwile imithandazo yabo.
“Ulethe inyama yamahhala emnyango yethu,” esho.
Umholi wendabuko wendawo iNkosi uLyborn Azwitamisi Mbubana uxwayise abantu bakhe ukuthi bangazidli izinkukhu ngoba abazi ukuthi zisukaphi.
Umholi womphakathi uPhanuel Mathebula womkhandlu womphakathi wendawo, uxwayise abahlali ukuthi bengazidli izinkukhu abangazazi ethi zingaba yingozi empilweni.
Kodwa abahlali, yize bekunezexwayiso emhlanganweni womphakathi, bazibambile izinkukhu.
“Sizidlile izinkukhu ngenyanga edlule akwenzekanga lutho,” kusho umhlali.
“Sisazozidla nalezi. Asikwazi ukuthenga inyama futhi lesi isibusiso sethu esivela ezulwini.”