Everson Luhanga
Isixuku sabantu besigcwele e-Evaton West ngoLwesine ukuzovalelisa indawo yaseNingizimu Afrika engavakashelwa kakhulu ngamaholidi – okuyimigodi emikhulu ebigcwele amanzi egcine isiphenduke indawo encane yokubhukuda.
Abahlali kade bekhona ngesikhathi bebukela amaloli evala imigodi ngenhlabathi nangosimende.
Kukho konke, abahlali abakade bebukele bajabule kakhulu ukuthi uhulumeni ekugcineni useze wayilungisa le ndawo egcwele imigodi cishe iminyaka emine kungenziwa lutho ngayo.
Kodwa-ke, abanye bajabulele imigodi yezinyanga ezedlule. Abahlali, abakade bephethe izambulela, nezihlalo kanye neziphuzo ezibandayo, bebechitha isikhathi sabo sokujabula kule ndawo ebizwa ngeKasi-beach.
Bebejwayele ukubhukuda bekhipha ukushisa kule migodi ebijulile ishona phansi, kangangokuba ingane ibingakwazi ukungena kuyo ngenxa yokuthi ibingaminza.
“IKasi Beach ihehe isasasa ezweni ekuqaleni kwaleli sonto ngemuva kokuba i-Scrolla.Africa ishicilele izithombe zemindeni egqoke imvunulo ibhukuda kulamanzi.
Akubanga isikhathi eside ukuba uNgqongqoshe wase-Gauteng wezokuthutha komphakathi, imigwaqo kanye nengqalasizinda, athole ngale ndawo ehlukile abantu abaphola kuyo ngamaholidi.
UJacob Mamabolo wavakashela indawo ngosuku olulandelayo. Ngemuva kokubona imigodi kulo mgwaqo wazibophezela ukuthi umnyango wakhe uzomelana nokulungisa imigwaqo.
Kungekudala imigwaqo izobe iphephile ukuba abantu bangashayela izimoto zabo futhi.
Akungabazeki ukuthi abahlali bazokhumbula izikhathi ezinhle ngale ndawo.