Lungani Zungu
Ngonyaka odlule uLindelwa Penisi waxoshwa njengomphathi wehhovisi le-ANC kumasipala wase-Raymond Mhlaba ngokubiza amalungu omphakathi ayebhikisha njengabafana abangasokile.
Ngemuka konyaka, usephinde wabuya, kulokhu ukuhlu lwamakhansela azovotelwa mhla zi-1 kuLwezi njengoba kuzovotelwa ohulumeni bendawo.
Iqembu le-ANC elingaphansi komasipala obizwa nge-Raymond Mhlaba isifunda esingaphansi kwe-Eastern Cape baxosha uPenisi ngemuva kokuvela kwevidiyo lapho ezwakala khona etshela abahlali ababebhikisha ukuthi: hlukanani nami, bafana abangasokile!”
Iqembu labiza ukuziphatha kwakhe njengento engeyinhle lambizela umhlangano wokuqondiswa kwezigwegwe.
“Ukuziphatha kwakhe kwenza ihhovisi leqembu libe inhlekisa ngisho kubantu abangaphansi kwamasipala wase-Raymond Mhlaba kanye neqembu alimele,” kusho iqembu ngaleso sikhathi.
Okumangazayo, iqembu limnike ithuba lokuba angene kuhlu lwamakhansela kwiwadi-20 kumasipala wase-Raymond Mhlaba, phezu kwezigigaba zakhe zokuhlambalaza iqembu.
Abahlali kanye nelungu le-ANC uMcebisi Mvaba uthe: Asazi ukuthi bamvumele kanjani angene kuhlu lwabantu ngoba asimufuni. Akakulungele ukuba yikhansela lethu.”
UMvaba uthe ubhalele ubuholi besifunda, ebafakela inselela ngendaba yokuqokwa kukaPenisi njengekhansela.
“Iqembu le-ANC likhombisa ukungabi nendaba nezikhalazo zethu njengoba befake uPenisi kuhlu lwabantu abazovotelwa. Usesikhombise kaningi ukuthi akanendaba nabantu,” kusho umhlali uMuzikayise Dlamini.
Abahlali abaningi abakuzwisisi kahle ukuqokwa kukaPenisi kusho uDlamini.
“Abantu abaningi abamfuni ukuba angene esikhundleni sokuba ikhansela. Mina angeke ngimvotele, okusho ukuthi angeke ngiyivotele i-ANC,” kusho uDlamini.
UPenisi unqabile ukuphawula ngalolu daba.