Lungani Zungu
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kushiswe izimoto, nemigwaqo yavalwa ngeziqubulo ezithi “Abantu bendawo kuphela abavunyelwe!” okuyizinkomba zokungezwani okubulalayo ngokobuhlanga endaweni yase-Phoenix.
Kodwa manje, ngemuva kwamasonto angaphezu kwamathathu ombango, abahlali bakule ndawo enezinkinga enyakatho yeTheku bazama ukuletha ukuthula phakathi kwamaNdiya nabamnyama.
Umhlali waseNanda uThabani Mkhungo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi babambe uchungechunge lwemihlangano nomakhelwane babo abangamaNdiya ngenhloso yokuqeda udweshu olwaholela ekufeni kwabantu abangaphezu kwama-50.
“Sifuna ukubona ukuthula. Asisafuni kuphinde kuchitheke igazi,” kusho yena.
UClinton Naidoo, umhlali wase-Phoenix, uthe unesiqiniseko sokuthi isisombululo sizotholakala.
“Akukho okungasivimba ekutholeni abanye esifuna nabo ukuthula. Sisebenzisana nabafowethu abamnyama ukuthola ukuthula,” kusho yena.
“Akumele sinqikaze ukubika labo bantu abanenhliziyo embi abafuna udlame uma sikhuluma ngokuthula.”
Abantu abaningi baseNanda basebenza emafemini ase-Phoenix angomakhelwane.
Njengoba isimo besishubile, abamnyama bebengakwazi ukuwelela e-Phoenix, indawo enabantu abaningi abangamaNdiya.
Kodwa njengoba lokhu kuye kwancipha kancane, abantu abamnyama manje sebengabuyela emsebenzini noma bafune imisebenzi e-Phoenix.
USibongile Ngcobo uthe ubesaba ukuya emsebenzini, kuze kwaba uMsombuluko.
“Abaphathi bami bangithembisile ukuthi ngizophepha. Yingakho ngiye emsebenzini kuleli sonto,” kusho yena.
Besaba okubi kakhulu, abazali abaningi abamnyama baphelezele izingane zabo baya ezikoleni zase-Phoenix ngesikhathi kuvulwa izikole ngoMsombuluko.
Abasolwa abayishumi abahlobene nokubulawa kwabantu e-Phoenix bavele enkantolo ngoMsombuluko, kodwa icala lahlehliselwa uLwesihlanu.
Umfundisi uChris Naidoo uthe: “Uma sihlukene phakathi sizowa, kodwa uma sibambene sizoqhubekela phambili.”