“Abahlali bafuna uhulumeni alungise umgwaqo kungenjalo akekho ozowusebenzisa.”

Zukile Majova

Impilo ejwayelekile endaweni yase-Ndakeni, e-Ngwekazana kanye nase-Sithinteni ngaphandle kwase-Mount Ayliff eMpumalanga yeKapa imile – njengoba abahlali bevimbe umgwaqo omkhulu ngoba befuna ukuthi kulungiswe umgwaqo owubhuqu.

Imigwaqo yendawo ikhukhulwe yimvula enamandla kulezi zinyanga ezimbili ezedlule, okwenza kube nzima kunoma ngubani ukuthi aye edolobheni uma lina.

Okungenani izikole zendawo eziyisithupha zithintekile, kuhlanganisa nesikole sasemakhaya esenza kahle kakhulu esibizwa ngeZwelakhe High School, esithole izinga lokuphasa likamatikuletsheni elingamaphesenti angama-98 kubafundi abangaphezu kwama-250 bakamatikuletsheni nyakenye.

Amabhasi akhishwe uhulumeni ukuthuthela abafundi – e-Arthur Ngunga High School, e-Mt Ayliff Comprehensive High, eZwelakhe High School, e-Rhode High School, e-Saphukanduka High School, kanye naseSakhisizwe High School – onke avinjiwe ukungena kulezi zikole.

Ngesikhathi abakwa-Scrolla.Africa bevakashele lezi zigodi ngoLwesithathu, inqwaba yabantu abahola impesheni abakwazanga ukuthola izimoto eziya e-Mount Frere nase-Mount Ayliff ukuyohola impesheni yabo yanyanga zonke.

UGogo uMambhele Juba uthe: “Sisendleleni siyokhipha imali yethu yempesheni. Kodwa manje asikwazi ukufika lapho.

“Kufanele siyithole imali yempesheni ngoLwesithathu, ngoLwesine nangoLwesihlanu. Bese kuba ithuba lalabo abahola imali yesibonelelo sezingane.

“Uma siphuthelwa yithuba lethu, kuzogcwala kakhulu edolobheni ngempelasonto.”

IMenenja kaMasipala waseMzimvubu uThobile Notha uthe, umasipala uyalele usonkontileka ukuthi alungise umgwaqo kusukela ngoZibandlela.

“Umphakathi uthi usonkontileka ufikile wathembisa ukuthi uzoqala ukusebenza mhla zi-11 kuMasingana, kodwa sekuNdasa manje.

“Yingakho sinolaka olungaka.

“Kepha sizolusukumela lolu daba ngokuphuthumayo.

“Usonkontileka uzobe ekhona ngoLwesihlanu futhi uzolungisa ngokushesha izingxenye ezilimele kakhulu.”

Ababhikishi bathembise ukuhlanganyela nezinye izigodi futhi bavimbe u-N2, iqhinga elidume kakhulu elaphoqa uhulumeni ukuthi axazulule ngokushesha izinkinga ezifana nalezi kwezinye izigodi eziku-N2 omatasa phambilini.

Izihloko zakamuva