Abahlali bafuna imali yabo ngemuva kokuthenga umhlaba ongekho emthethweni eNkosini

Celani Sikhakhane

Umphakathi waseNquthu enyakatho yeKwaZulu-Natali othenge umhlaba wesonto le-Roman Catholic eNkosini yendawo ufuna ukukhokhelwa imali yawo.

NgoMgqibelo, abaholi baleli bandla babize umhlangano bezokwazisa abantu basendaweni yase-Khasino ukuthi ama-hektare ayi-160 abahlala kuwo akuwona awabo.

Baphinde bafunda isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, esathi lo mhlaba ungowesonto le-Roman Catholic hhayi oweNkosi uThathezakhe Ngobese.

INkosi uNgobese weKhiphinkunzi Traditional Authority kusolwa ukuthi ubeqoqa izimali kubantu abehlukene ngendlela yokuqashisa noma yokuthengisa.

UMnu Petros Mthembu we-Roman Catholic ngaphansi kwe-Dioses yaseShowe, utshele umphakathi ukuthi iNkosi uNgobese u

izamile ukufihla incwadi yenkantolo ukuze umphakathi ungazi ngayo.

“Umyalelo wokuqala wesikhashana owakhishwa ngowezi-2020 wawumnqabela ukuthi aqhubeke nokudayisa lo mhlaba noma athathe imali yokuqashisa nyanga zonke ngoba lo mhlaba akuwona owakwaNgobese.

“Ngeshwa uqhubeke nokwephula ngisho umyalelo wenkantolo ngokudayisa isiqeshana sendawo yethu kumalungu omphakathi,” kusho uMthembu.

Ngokusho kwabaholi bebandla, uNgobese bekufanele abambe iqhaza emhlanganweni azise abantu bakhe ngesinqumo senkantolo kodwa wenqaba ukuza.

Ikhansela lesigceme uSfiso Buthelezi uthe uNgobese uzame ukuphazamisa umhlangano ukuze ungabi khona.

Lo mhlangano ubuhanjelwe ngamaphoyisa ngenhloso yokulawula isimo.

Amalungu omphakathi ashaqekile ngalezi zambulo, athe afuna ukubuyiselwa imali yawo.

Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi lathenga isiqeshana somhlaba kuNgobese ngemali eyizi-R10,000.

Ngokwesinqumo, akekho umuntu onamandla okwaba izindawo emhlabeni weSonto lamaKhatholika, hhayi ikhansela, hhayi induna, futhi hhayi uNgobese.

Noma ngubani ozoqhubeka nokwakha kulo mhlaba uzobe edelela isinqumo senkantolo.

UNgobese usamile ekutheni lo mhlaba ungowakhe futhi ngeke esakhuluma kakhulu.

Isonto lisazothatha isinqumo sokuthi liyabaxosha yini abantu noma liyabagcina emhlabeni walo.

Izihloko zakamuva