Abahlali babulale ongenacala bezitshela ukuthi uyena umdlwenguli

Dalphine Tagwireyi

Sebehleli benovalo abahlali baseDelmas esifundazweni saseMpumalanga ngenxa yomdlwenguli, ngemuva kokuba kubulawe omunye wabahlali. Amaphoyisa akhulume nomphakathi ukuthi ukuzithathela umthetho uwubeke ezandleni zabo akusona isixazululo.

Umdlwenguli ubonakale ngokuthi bonke laba abahlukumezayo ubathela ngopharafini kwizitho zangasese

Amaphoyisa akholwa ukuthi umdlwenguli ukwenza lokhu ngoba ecabanga ukuthi uparafini uzokwenza ukuthi isidoda sakhe asishiyayo singabonakali futhi kungabambeki ukuthi esabani.

Waqala ukudlwengula mhla zingama-18 kuNtulikazi, amaphoyisa akholelwa ukuthi kmacala amane okudlwengulwa uyabandakanyeka bonke labantu besifazane babalelwa eminyakeni engama-20 kuya ku-30.

Ekhuluma nabakwa Scrolla.Africa uMnumzane uRobert Ngwenya ongumhloli kulomphakathi uthe isenzo somdlwenguli sesiwuhlukumeze kakhulu umphakathi.

“Abantu besifazane bethu nezingane zethu abaphephile uma umdlwenguli esangaphandle sebehlale benovalo.”

Mhla zingama-27 kuNtulikazi umphakathi waseDelmas ubuzitshela ukuthi usumtholile umdlwenguli ngenkathi bemushaye ngamatshe waze washona u-Aleindo Tiyane oneminyaka engama-29 waseMozambique.

Kodwa ezinsukwini ezimbili kwaphinde kwadlwengula omunye umuntu wesifazane naye wathelwa ngoparafini esithweni sangasese.

Ekhuluma nabakwa Scrolla.Africa uDr Jo Barnes ongumphathi kaHealth Systems ophinde abe ngumfundisi wezifundo zePublic Health uthe ukuthela upharafini esithweni sangasese kuwubungozi futhi kuphinde kulethe isihluku kulowo osuke ehlukumezekile.

“Imiphumela iba mibi kakhulu kwesiye isikhathi kubanzima, kwabantu besilisa kungaqala into ebizwa ngokuthi i-Infammatory lipogranuloma kwabantu besifazane uma ethelwa ngoparafini kungaba nenkinga yesikhumba ubuhlungu okuyisidina uma ngabe kunesilonda noma ukusikeka ngenkathi kwenzeka lento kungoneka izicubu ezingaphakathi,” kuchaza udokotela.

Uyedwa osaboshiwe ngokufa kukaTiyane. Umsolwa onguBen Mafa Msibi wavela enkantolo yaseDelmas bamudedela ngebheyili.

UNgwenya uthe kuyishwa ukuthi umphakathi usheshe ukhombe abokufika njalo mekwenzeka ubugebengu.

“Lokhu sekuvele kwaba yinjwayelo kumphakathi ukuthi noma yini eyenzekayo bakhomba abokufika kuqala.”

UMphathi wesiteshi saseDelmas uCarla Hartley utshele umphakathi ukuthi uhlale uqaphile, uphinde waqinisekisa ukuthi kuvulwe amacala amahlanu kodwa bonke abahlukumezekile abakwazanga ukubona ukuthi ubani owenze lento.

Uphinde wathi umdlwenguli uthela laba abahlukumezayo ngoparafini kodwa basalinde imiphumela yolibofuzo evela kwaForensic testing.

Izihloko zakamuva