Lungani Zungu
Abahlali baseSimangweni Street elokishini laseJoe Slovo, e-Port Elizabeth bashiya izindlu zabo zomxhaso.
Bekhathazwa ukunuka nemiyane, imindeni eyi-13 inqume ukushiya izindlu zayo zomxhaso ezidilikayo ngenxa yezikhukhula zamanzi angcolile agcwele indle.
Inkinga ibe yimbi kakhulu kangangokuba ngowezi-2019 umfana waminza edamini lamanzi angcolile agcwele indle elalidalwa yimisele namapayipi agcwele ngemuva kwezindlu.
ULuthando Jabavu utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Imijondolo yethu ibingcono kunalezi zindlu zomxhaso. Zakhiwa ngowe-2008 kodwa ngemuva kokushesha singena ezindlini saqala saba nezinkinga zamapayipi namanzi angcolile agcwele indle. Njalo ngenyanga indlu yami yangasese ihlale iba nenkinga yokushesha igcwale kumapayipi ebese indle ingahambi, ibuye khona la okudala iphunga.”
Uthe kumele ashiye indlu yakhe ayokwakha umjondolo ngoba izindonga ezansi ziyabhidlika.
“Bengisigqoka isifonyo ngaphambi kokuthi kuqubuke isifo se-coronavirus ngenxa yephunga,” kusho uLuthando.
“Lokhu sekuthinte nempilo yami ngoba ngikhwehlela njalo. Ebusuku angikwazi ukulala ngenxa yemiyane.”
Abahlali sebalahle ithemba futhi umasipala awunazo izixazululo ezishesjayo.
Omunye umhlali uEnderson Mbinda, uthe: “Ingabe le yimpilo engcono esathenjiswa yona? Asikaze siphile kanjena emijondolo yethu yize besisebenzisa uhlelo lwamabhakede olungenabuntu. Ingane icwile kulamanzi angcolile agcwele indle ephuma ezindlini zethu. Siyawaphula futhi siwakhiphe amadreyini ngoba vele umasipala awuwanakekeli.”
USimphiwe Tyukana, oyikhansela le-ANC ku-Ward 41, uthe: “Abantu abangakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela efanele abadala le nkinga.”
“Inhloso bekuwukucela abezokuHlaliswa kwaBantu ukuthi bakhe kabusha lezo zindlu futhi bashintshe nohlelo lokuthuthwa kwendle. Kodwa azikho izimali zalokho.”
Wengeze ngokuthi kwebiwa imijondolo yesikhashana ngowe-2015 yemindeni eyayithintekile.