Kabelo Tlhabanelo
I-ANC kungenzeka ukuthi ibinethemba lokuheha abahlali base-Brandfort ngokuguqula igama ledolobha libe nguWinnie Mandela, ngosuku olwandulela ukhetho lomasipala.
Kodwa uhlelo aluphumelelanga njengoba abahlali bephinde balinqaba leli gama – njengoba benzile ngomhla zingama-20 kuNcwaba.
Esikhundleni salokho, idolobha lase-Brandfort – lapho uWinnie Mandela adingiswa kulo nguhulumeni wobandlululo ngowe-1977 – likhombisa ukungalethwa kwezidingo emiphakathini i-ANC.
Abahlali bathi igama elisha laleli dolobha ngeke likufihle ukuhluleka kukamasipala ukuletha ngisho nezidingo eziyisisekelo.
I-Brandfort ingelinye lamadolobha okugcina ezweni lapho abahlali abasasebenzisa khona izindlu zangasese zamabhakede.
Lokhu kugubezele imiphakathi yonke ngephunga elibi, ikakhulukazi uma indle ingalandwa ngesikhathi.
UThabang Seope wase-Matlharantlheng utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lokhu kwenzeka ngaso sonke isikhathi.
“Uhulumeni kufanele aqale abhekane nalezi zinkinga ngaphambi kokubeka igama likaMama uWinnie endaweni embi njengalena”.
Omunye umhlali, uMapitso Mpina, uthe: “UWinnie Mandela uzophenduka ethuneni lakhe uma leli dolobha elingathuthukile ngowezi-2021 liqanjwa ngegama lakhe”.
UMpina oneminyaka engama-29, uthe lokhu bekuyimizamo yeqembu elibusayo ukukhohlisa abahlali ukuthi bacabange ukuthi izinto ezinhle zisazokwenzeka.
“Sisondela okhethweni manje bafuna sicabange ukuthi bayasisiza. Ukushintshwa kwamagama edolobha lapho okukhohlwe khona ngezidingo zabantu akusizi ngalutho. Cabanga nje sengitshela abantu ukuthi ngivela eWinnie Mandela Town, kodwa asinazo izindlu zangasese ezishaywayo. Kungani bengasebenzisi le mali ukuthuthukisa idolobha?”
Abahlali balapha bathukuthele futhi baze bacekela phansi izimpawu zomgwaqo ezintsha ezinegama elisha.
Okhulumela uNdunankulu wase-Free State uSello Pietersen uyijikile indaba wathi ukuhlehliswa kokushintshwa kwegama kubuyiselwe emuva “ngoba kunezinye izibopho ubuholi okumele bubhekane nazo”. Uthe usuku olusha, lwesithathu lokwethulwa kwegama elisha alukakhishwa okwamanje.
Khonamanjalo, i-DA nayo izama ukuthola imali ngempikiswano ngokushintshwa kwamagama futhi ithi inesikhalazo esisayinwe ngabahlali ababalelwa kwabangama-700 abavumayo ukuthi akuboniswananga bona.