Abahlali abanomona basike izintambo zikagesi eziya kwezinye izigodi

Zukile Majova

Abahlali besigodi sase-Mposa ngaphandle kwase-Mount Frere eMpumalanga yeKapa bathathele lesi isisho esithi “Umona ukwenza ube ngumuntu omubi” kwelinye izinga.

Kungokwesithathu besika ulayini omkhulu wokuhambisa ugesi wakwa-Eskom ezigodini ezahlukahlukene befuna ukuthi indawo yabo ibe phakathi kwezigodi zokuqala ukuthola ugesi.

Ikhansela lendawo uLugongolo uthi, lo mphakathi ubuye wafakwa ezinhlelweni zokukhishwa kukagesi kanye nemizana efana ne-Elutateni neMgungundlovu.

UKhansela uLugongolo uthe, njalo uma besika izigxobo, umasipala wenza izindlela zokuzifaka.

“Kodwa ngiyasola ukuthi abantu abalungisa izigxobo ngenkathi zisikiwe esikhathini esedlule basebenzise ikhwalithi eshibhile.

“Ngesikhathi isiphepho sifika, sacekela phansi izigxobo ebezingakasikwa yiqembu ebelithukuthele.”

Inkosi uSontsi ithe, abantu bakwi-Ward 12 bazinqamule ngoLwesithathu ebusuku izintambo zikagesi.

“Bese kuba nesiphepho esenza lo monakalo ube mubi kakhulu.

“Besingenawo ugesi kusukela ngoLwesithathu.”

Khonamanjalo esifundeni sase-Nkangala ngaphandle kwase-Nelspruit, amaphoyisa abophe abayi-114 ababekwe amacala ahlukahlukene ngemuva kokushisa izigxobo zakwa-Eskom.

Leli qembu elisolwa nangokumba izimayini ngokungemthetho nalo lidale umonakalo ongangezigidi zamarandi kwimayini yendawo.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe, bashaqe izimoto ezingama-20 okukholakala ukuthi bezisetshenziswa kulezi zenzo ezingekho emthethweni.

“Uphenyo luyaqhubeka, futhi amaphoyisa awakwazi ukunqabela amathuba okuthi kwengezwe amanye amacala kubasolwa mayelana nokucekelwa phansi kanye nokonakala kwengqalasizinda.”

Izihloko zakamuva