Abagwedli boHlanga bakhala ngokungasekwa

Lubhalwe nguThathe Msimango

Owake wawina umjaho i-Dusi Canoe Marathon K2 ugqamise ukungalingani kwezinhlanga kulo mdlalo.

UKhumbulani Nzimande uthe kuzodingeka uxhaso olukhulu lwezimali ukuze umshayeli wesikebhe omnyama anqobe umjaho.

I-Dusi Canoe Marathon umjaho waminyaka yonke wezikebhe oqhutshwa izinsuku ezintathu phakathi kwaseMgungundlovu naseThekwini KwaZulu-Natal. Abasuke bengenele bagudla umfula uMsunduzi kanye noMngeni ngebanga elingamakhilomitha angu-120.

Lo mjaho uqukethe isigaba se-K1  sokugwedlwa wedwa kanye ne-K2 ningwedla ngababili. Umjaho walo nyaka uhlelelwe ukuthi ube ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-18 ngoNhlolanja.

UNzimande owawina umjaho we-K2 ngo-2020 nozakwabo u-Andy Birkett uthe izinkampani zidinga ukutshala imali eningi kubagwedli abamnyama ukuze sibabone  bephumelela kwi-K1.

Njengabagwedli abamnyama asilutholi uxhaso olutheni lwezimali yize bekhona  abaxhasi abazama ukuvala leso sikhala, kodwa akwanele,” kusho uNzimande ohlala e-Valley of a Thousand Hills.

“Uma unemoto udinga uphethiloli. Isimo sinzima, kodwa ngisamile ekutheni ngelinye ilanga abagwedli abamnyama bayoqopha umlando ngelinye ilanga.”

Njengoba umjaho ususondele, isihlabani esineminyaka engu-27 se-Team MyLife uyakuphika ukuthi uyintandokazi enganqoba lo mdlalo.

“Angicabangi ukuthi ngingomunye wezintandokazi ukunqoba lo mjaho. Angikasondeli ngisho ukufika kuhlu lwabayishumi,” etshela i-Scrolla. Africa.

“Ukukhuluma iqiniso, bengigxile emndenini. Ngisanda kushada futhi nginengane esanda kuzalwa ngakho isikhathi esiningi ngihlala nabo.”

“Kunabafana abangompetha abafana noSiseko Ntondini, engicabanga ukuthi bazoba ingozi enkulu. Nabadlali abafana noMpilo Zondi, kodwa lo mjaho udinga isipiliyoni esinzulu.”

Osesithombeni esingenhla: UKhumbulani Nzimande osesikebheni

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva