Abagilwe yizikhukhula eNMB babhekene nokuxoshwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kushube isimo ngeSonto eKariega ngemuva kokuthi izisulu zezikhukhula zigcwale imigwaqo zibhikishela ukukhishwa kwazo ezindaweni yokuzikhoselisa okwzesikhashana.

Lesi sinyathelo siza ngemuva kwezixwayiso zesimo sezulu esingesihle ezindaweni eziningi zezwe.

Izakhamizi zivale umgwaqo uChurch Street enkabeni yeKariega ngamathayi avuthayo ngeSonto ekuseni.

Bathi umasipala ufuna ukubabuyisela eLapland okuyindawo abasuswa kuyo ekuqaleni kukaNhlangulana emuva kwezikhukhula ezicekele phansi le ndawo.

Abaningi abanalutho abangabuyela kukho.

Ohambweni lwakhe lokubheka isimo ngemuva kwenhlekelele uMengameli Cyril Ramaphosa uthembise ukuthi izakhamizi zizoyiswa ezindaweni zokukhosela okwesikhashana zingakapheli izinsuku ezingu-30.

“UMengameli wathembisa ukuthi ngeke sibuyele eLapland, wasithembisa izindawo zokukhosela isikhashana ingakapheli inyanga futhi manje uMasipala waseNelson Mandela Bay uthi asibuyele emuva,” kusho isakhamuzi.

Omunye wengeze wathi: “Imvula iyeza, yona le mvula esasuswa ngenxa yayo, iyeza kodwa kuthiwa asibuyele emuva. Singakwenza kanjani lokho?

“Izikole ziyavulwa ngoLwesibili futhi izingane zethu kumele zibuyele emuva. Imigwaqo ayikalungiswa bazofika kanjani esikoleni,” kubuza esinye isakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe ngeSonto bekuwusuku lokugcina lokuthi bahlale kule ndawo yesikhashana.

“Ababhikishi bayiqembu elihlaliswe okwesikhashana ehholo kuChurch Street, kulandela inhlekelele yakamuva ecekele phansi izindlu zabo.”

Uthe amaphoyisa ophiko lwezokuvikela umphakathi aphendule ngosizo loMnyango wezeziCishamlilo, kwacinywa amathayi avuthayo kwasuswa nemfucumfuza.

Izikhulu zikaMasipala waseNelson Mandela Bay azitholakalanga ukuze ziphawule.

Isithombe esingenhla: Izisulu zezikhukhula zishisa amathayi kuChurch Street, eKariega.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva