Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- Abesifazane baseNelson Mandela Bay bathi imikhankaso yaminyaka yonke yokulwa nokuhlukunyezwa ayilethi usizo lwangempela kubagilwa.
- Amaqembu endawo azama ukusiza abagilwa abahlukumezekile awakwazi ukuthola ukwesekwa noma izindawo zokusebenza.
Isiphithiphithi ngalesi sikhathi mayelana nezinsuku ezingu-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane sesaba kwaba izingxoxo nje.
Lokhu kushiwo abagilwa abahlukumezekile baseNelson Mandela Bay.
Bathi minyaka yonke abesifazane abake bahlukunyezwa babuyelwa ithemba njalo uma kumenyezelwa izinhlelo ezintsha – kodwa ushintsho luvele lungenzeki ezimpilweni zabo zansuku zonke.
Owesifazane wase-Schauderville owayehlukunyezwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akukho ndawo ephephile abagilwa abangakhosela kuyo endaweni yangakubo.
“Okwamanje wonke amalokishi ezweni lethu kufanele okungenani abe nendawo eyodwa noma ezimbili zokukhoselisa abahlukunyezwayo. Siyababona beqala izinhlelo futhi benza nezinhlabaluhide, kodwa asiluboni ushintsho lwangempela. Abagilwa namanje abanazo izindawo abangakhosela kuzo ngoba izinhlangano azinazo izinsiza ezanele.”
Iqembu elibizwa ngokuthi i-Enough Now elisezindaweni ezisenyakatho zase-Gqeberha, selizame ukusiza abahlukumezekile iminyaka emihlanu. Kodwa badonsa kanzima ukwenza umsebenzi wabo ngendlela ngoba iziphathimandla zendawo azibasizi ngalutho.
“NgoNhlolanja kulo nyaka sacela kumasipala ukuthi sibeke isiqukathi ehhovisi lesigceme kodwa basishaya indiva,” kusho uDenise Peterson owasiza ekusunguleni leli qembu.
“Kufanele siyisize kanjani imiphakathi yethu ekubeni yonke into ikhuluywa ngomlomo kuphela, ukuze kujabuliswe nokubukwa abezindaba,” kusho yena.
UThembani Gqiba, ohola inhlangano elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eNelson Mandela Bay, uthe abanayo imali eyanele noma abantu abangasiza ngendlela.
“Yonke iminyango kahulumeni kumele ikhiphe imali kanye nabantu abazolekelela ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Njengezinhlangano ezizimele ngeke sikwazi ukukwenza sodwa. Izinhlangano ezizimele zaseNelson Mandela Bay zisebenza kanzima kodwa sidinga ukwesekwa okwengeziwe,” kusho uGqiba.
IMeya yedolobha uBabalwa Lobishe uvumile ukuthi kumele benze okungaphezu nje kokukhuluma ukulwa nale nkinga. Uthe badinga ukusiza amaqembu azama ukunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Ubucayi balolu daba bufuna ukuthi lubhekwe futhi lesekwe yihhovisi eliphezulu. Njengehhovisi kumele sihole ngezenzo,” kusho yena.
ULobishe uthe useqashe umuntu ozoqhuba izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ehhovisi lakhe.
Esithombeni esingenhla: Abesifazane nezingane ngesikhathi semashi yakamuva ebibanjwe amalungu e-Enough Now.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe