Abagilwa bezikhukhula eKariega bazothuthela ezindlini ezintsha ngoMfumfu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umasipala waseNelson Mandela Bay uthembise ukuthi izakhamuzi zasemijondolo yase-Lapland e-Kariega ezikhahlanyezwe yizikhukhula ngoNhlangulana zizoqala ukufuduka maphakathi noMfumfu. Bonke kufanele babe semakhaya amasha ngemva kwenyanga.

Ukufuduka kuhlaselwe wukubambezeleka kanye nemibhikisho njengoba izakhamizi zizwakalisa ukungawethembi umasipala.

NgoNhlangulana, umasipala wakhipha izakhamizi kule ndawo ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi kungenzeka kudilike idamu elizimele i-Tiryville Dam. Umphakathi wase-Lapland usezansi nomfula ukusuka edamini.

Umasipala ubukhathazekile ngokuthi lingase lichichime, okungenzeka ukuthi liholele ekutheni kushone abantu.

Ngomhlaka-7 kuNtulikazi, abagilwa bezikhukhula basuswa endaweni yokukhosela yesikhashana babuyiselwa e-Lapland.

Lezi zakhamizi zigcwale imigwaqo zifuna izimpendulo kuMengameli uCyril Ramaphosa, njengoba ethembise ukuthi zizosuka kule ndawo yesikhashana ziye ezindlini zesikhashana kuVan Rooyen Avenue zingakapheli izinsuku ezingu-30.

Umasipala uthe izakhamizi azixoshwanga kule ndawo yokukhosela – isivumelwano sazo sokuqashisa sesiphelelwe yisikhathi.

Izakhamizi zitshelwe ukuthi zizobuyiselwa e-Lapland ngesikhathi umasipala esalinde imvume yoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nezokuVakasha esifundazweni ukuthi ziyiswe endaweni ekuVan Rooyen Avenue.

NgoNtulikazi, umnyango wagunyaza ukufuduka kwazo. Kodwa-ke, umasipala uphinde waba nokubambezeleka njengoba uze waqala ukususa umhlaba ngesonto eledlule, ngokusho komqondisi omkhulu wezokuHlaliswa kwaBantu uThabiso Mfeya.

“Sigcine siyitholile imvume ehambisana nemibandela,” usho kanje. “Ngisho nezimo ebezihambisana nazo beziphoqa ukuthi sithole isikhulu esilawula ezmvelo obekumele senze wonke umsebenzi wokulungiselela ukuze sithole izimvume zokuthi singene esizeni.”

UMfeya uthe ukufuduka kwezakhamuzi kuzophothulwa maphakathi noLwezi.

“Mhla lulunye kuMfumfu … sizobe sesakhe amayunithi okuqala angu-20, okuzobe sekuchaza ukufakwa kwezinsiza kanye nokuqala [kokufuduka] kwemindeni elinganiselwa ku-150.”

Umsizi womqondisi wezokuhlaliswa kwabantu kumasipala, uThembakazi Hlela, uthe imindeni engu-106 yase-Lapland phambilini ibihlaliswe ezindaweni zesikhashana zezimo eziphuthumayo futhi maduze zizothuthelwa kuVan Rooyen Avenue.

Izindawo zesikhashana zezimo eziphuthumayo zihlanganisa nezakhamuzi zase-Gro-Gro nase-Makathiland, zonke zizothuthelwa kuVan Rooyen Avenue, enezindawo ezingu-154. Ukwengeza kulokhu, enye indawo ese-Kamesh, e-Kariega, kuzohlaliswa kuyo izakhamuzi ezisele.

Esithombeni ngenhla: NgoMsombuluko, uMphathiswa wase-Nelson Mandela Bay no-MMC wezokuHlaliswa kwaBantu uThembinkosi Mafana bavakashele e-Lapland ukuyokwazisa izakhamuzi ngalokho osekwenziwe kuze kube manje.

Umthombo: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva