Abagilwa bezikhukhula bathole izindlu zesikhashana 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngemuva kwamasonto emibhikisho, uMnyango wezeMvelo kuzwelonke usugunyaze umhlaba ose-Kariega ukuze kube nemizi yesikhashana yabantu abangabagilwa bezikhukhula zase-Lapland.

Imindeni engaphezu kwekhulu esuka e-Lapland izothuthela endaweni entsha yase-Van Rooyen e-Kariega. 

Lokhu kugunyazwa kuza ngemuva kwamasonto amabili abagilwa bezikhukhula bephoqeleke ukuba baphume endaweni yokukhosela yesikhashana babuyela e-Lapland ngomhlaka-7 kuNtulikazi.

Izakhamuzi zibhikishile, zifuna izimpendulo kuMengameli uCyril Ramaphosa, owayethembise ukuthi zizothuthelwa ezindlini zesikhashana e-Van Rooyen zingakapheli izinsuku ezingu-30. 

Nokho, umasipala wachaza ukuthi izakhamuzi azixoshwanga kodwa zibuyele e-Lapland ngoba isikhathi sokuqashisa le ndawo yesikhashana sase siphelelwe yisikhathi. 

Umasipala utshele abahlali ukuthi bazobuyiselwa e-Lapland ngesikhathi besalinde ukugunyazwa wumnyango.

Umasipala uphinde wabheka isimo semijondolo yabahlali e-Lapland ngemuva kwezikhukhula wayithola iphephile ukuthi bangahlala kuyo.

Imeya ye-NMBM uGary van Niekerk uthe ukugunyazwa kuzovumela umasipala ukuthi aqale ukulungisa indawo okuzothuthelwa kuyo i-Van Rooyen.

“Sijabule ngokuthola imvume ngoMsombuluko, mhlaka-22 kuNtulikazi. Lokhu kusinika amandla ekuthutheni umphakathi okhahlanyezwe yizikhukhula. Siyibonile imibandela ehambisana nokugunyazwa futhi amathimba ethu asevele esebenza ngayo. 

“Sizohlinzeka ngezidingongqangi ezindaweni zokuhlala bese sakha izindawo zokukhosela zesikhashana. Uhlelo lwesikhathi eside wukwakha izindlu ezifanele kuleyo ndawo,” kusho uVan Niekerk.

Omunye wemibandela yomnyango ukuthi akufanele kwakhiwe eminye imijondolo e-Lapland.

“Sicela imiphakathi yethu ukuthi isebenzisane nathi ukuqinisekisa ukuthi akekho omunye umuntu owakha umjondolo futhi ohlala endaweni yase-Lapland noma kwezinye izindawo ezikhahlamezwe yizikhukhula kumasipala omkhulu,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Abagilwa bezikhukhula zase-Lapland behlezi ngaphandle kwendawo yokukhosela yesikhashana ngemva kokukhishwa ngomhlaka-7 kuNtulikazi.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva