Dylan Bettencourt
Njengoba sekusele amasonto amathathu ngaphambi kwemidlalo yama-Olimpiki ase-Tokyo, abagijimi ababili base-Namibia bavinjelwe ukuncintisana kule midlalo.
Abagijimi base-Namibia uChristine Mboma noBeatrice Masilingi banqatshelwe ukuncintisana kule midlalo ngenxa “yezinga eliphakeme ye-testosterone.”
Abagijimi bebehlelelwe ukuqhudelana kwimidlalo yama-400m kuya ku-1,600m, kodwa isiphetho esifana naleso somgijimi waseNingizimu Afrika uCaster Semenya sibakhiphile emjahweni abawuthandayo.
USemenya naye akavunyelwe ukuncintisana emidlalweni ephakathi kwama-400m no-1,600m; ngaphandle kokuthatha izidakamizwa ezinciphisa amazinga e-testosterone.
Lo msubathi oneminyaka engama-30 unqabile ukudla le mithi, ethi kungabeka impilo yakhe engcupheni.
Bobabili uMboma noMasilingi bazokwazi ukuncintisana emidlalweni yama-100m nama-200m.
Umgijimi waseMelika uSha’Carri Richardson naye uvinjelwe ukuncintisana kuma-Olimpiki, kodwa lokhu kungenxa yokuhlolwa kwegazi okutholakale isidakamizwa sohlobo lwensangu.
Le ntokazi eneminyaka engama-21 ithole ukumiswa inyanga eyodwa kuyo yonke imiqhudelwano futhi izolahlekelwa yithuba lokufakazela ukuthi kungani yawina igolide emdlalweni we-100m sprint.
Ngenyanga edlule nje, lesi sihlabani esisencane siwine i-trial ye-100m yama-Olimpiki ngesikhathi esimangazayo semizuzwana engu-10.86, okumangaze abaningi futhi ngokushesha kwamenza waba ngumuntu wokubukelwa edlala kuma-Olympics abelindelwe ngabomvu.
Kulezi nsuku ezimbalwa ezimatasa zeKomidi lama-Olimpiki maqondana nokuthi ngubani noma yini evunyelwe emidlalweni yabo, izigqoko zokubhukuda ezenzelwe izinwele zabamnyama zemvelo nazo zivinjelwe ukusetshenziswa.
Umkhiqizo ubambisene nababhukudi besifazane abamnyama bokuqala ukuyomela i-Great Britain kuma-Olimpiki, u-Alice Dearing, emzameni wokwenza izigqoko zokubhukuda zinethezeke kubabhukudi besifazane abamnyama, kodwa umkhiqizo wabo wenqatshwe yi-International Swimming Federation (Fina).
Isigungu esilawulayo sichaze umbono waso ngemuva kokuvinjelwa komkhiqizo, ngoba awuhambisani “nesimo semvelo sekhanda” futhi ngokwazi kwabo ababhukudi esikhathini esedlule bebengadingi izigqoko ezilingana nobukhulu bekhanda.
Ama-Olimpiki ase-Tokyo abezosingathwa ngowezi-2020 ahlelwe kabusha ukuthi aqale mhla zingama-24 kuNtulikazi futhi azoqhubeka kuze kube ngumhla zi-8 kuNcwaba.
Umthombo wesithombe: @NamibianDailyNews