Abagibeli baseKapa sebecikekile abashayeli bezimoto amaphela abahlezi bephuze amanzi amponjwana

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abagibeli baseKapa abashayela ama-Avanza ababuye babizwe ngamaphela bacela iKhikhi Murray Association ukuthi yenze okuthile ngabashayeli abasuke beshayela bephuzile.

Ngempelasonto umshayeli we-Avanza, okuthiwa ubephuzile, ushayise ibhasi lakwaGolden Arrow ePhilippi East kuSheffield Road, kwalimala abagibeli nomshayeli.

Umnikazi we-Avanza obephatheke kabi uthe umshayeli useneminyaka emibili esebenzisa imoto yakhe.

“Ngizwile ukuthi bebephuza ubusuku bonke futhi abazange balale. Ngeke ngikwazi ukusho okuningi okwamanje,” kusho umnikazi.

Okhulumela iGolden Arrow uBronwen Dyker-Beyer uthe isigameko sebhasi sisaphenywa, kodwa abazibonele bathi umshayeli uhlulekile ukulilawula wabe eseshayisa ibhasi.

UNophelele Sokoyi, oneminyaka engu-45 ubudala, ovame ukuhamba ngama-Avanza, ulandise ngesigameko esisabisayo ake abhekana naso nomshayeli ephuzile.

“Ngagibela i-Avanza, kodwa angibonanga ukuthi umshayeli ubephuzile. Eshayela eGugulethu Mall, ubephuza wacishe washayisa ezinye izimoto,” kusho uNophelele.

Lapho ebuza umshayeli ukuthi uphuzelani, wamtshela ngendelelo ukuba akanake ezakhe izindaba.

Omunye umgibeli uthe ucasulwe usoseshini. “Basiza kuphela uma i-Avanza inenombolo ye-sticker. Uma ingekho, abakusizi uma ugetshengwa noma umshayeli ephuzile. Kumele bayeke ukusola thina ngokusebenzisa lezi zimoto futhi baqale bakusukumele.

“Usoseshini uhlale usitshela ukuthi singasebenzisi ama-Avanza angenazo izitikha (stickers) ezinezinombolo, kodwa abaningi abakabi nazo. Akuwona yini umsebenzi wabo ukukhipha lezi zimoto emgwaqeni ukuze siphephe?”

Ucabanga ukuthi uma ososeshini besusa ama-Avanza agenazo izitikha, zingaba mbalwa izinkinga njengokushayela bephuzile nabashayeli abagebenga abagibeli.

Izinombolo zezitikha, ezibekwe ngaphambili nangemuva kuma-Avanza, zisiza ukuhlonza imoto.

UMnuz Sihle Ndlebe, onguSihlalo weKhikhi Murray Association, uthe bebelokhu becela abagibeli ukuthi bangasebenzisi ama-Avanza angenazo izitikha ezinezinombolo.

“Abashayeli bavamise ukukhipha izitikha. Uma abagibeli benqaba ukusebenzisa ama-Avanza angenawo ama-sticker, abashayeli bebezoyithatha njengento ebaluleke kakhulu (into yama-sticker). Bekungaba lula ukubhekana nabashayeli abaphuzile ukube wonke umuntu usebenzisa ama-Avanza ane-sticker,” kusho uNdlebe.

Isithombe esingenhla: I-Avanza eshayisa ibhasi le-Golden Arrow.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva