Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abagibeli baseKapa bacele iCape Amalgamated Taxi Association (Cata) ukuthi ivimbele abashayeli bamatekisi ukusebenzisa uTikTok uma beshayela.
UNamhla Bhuqwana ogibela nsuku zonke, uthe abashayeli bamatekisi kumele bayeke ukusebenzisa uTikTok uma beshayela.
“Kubeka impilo yethu nabanye abasebenzisa umgwaqo engcupheni ngoba abakwazi ukugxila ekushayeleni bebe behleka amavidiyo kuTikTok,” kusho uBuqwana.
“Siyabesaba osomatekisi kodwa ngelinye ilanga sacela umshayeli ukuthi ayeke ukusebenzisa ucingo lwakhe uma eshayela, wathi useneminyaka engu-10 eshayela wathi asikwazi ukumtshela ukuthi enzeni.
Omunye umgibeli uthe umshayeli wakhe ucishe wahlasela umuntu obezama ukumqopha. Ukuziphatha komshayeli kucishe kwabangela ingozi.
“Ngesikhathi eqala ukusebenzisa ucingo lwakhe sakhononda sonke, akashongo lutho uvele wasibuka esibukweni waqhubeka,” kusho umgibeli
“Ngelinye ilanga sizolimala ngoba abashayeli bashayela budedengu. Awukwazi ukuba ku-TikTok, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima lapho wonke umuntu ejahe ukuya emsebenzini noma esikoleni. Ukushayela kudinga ukunakwa ngokugcwele.”
USinikelo Katele uthukile ebona umshayeli we-Avanza esebenzisa ucingo lwakhe.
“Ngihamba nge-Avanza neToyota Quantum uma ngiya emsebenzini, kwesinye isikhathi umshayeli usebenzisa ucingo lwakhe.
“Akubona abashayeli bamaQuantum ne-Avanza kuphela abasebenzisa izingcingo zabo, kodwa yibona abenza lokhu kakhulu.”
UNkululeko Sityebi, okhulumela iCata uvumile ukuthi kunenkinga.
Ukusebenzisa ucingo uma ushayela kulimaza nezimoto, siyazi ukuthi kumele siyimise le nto siyathembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuyimisa,” kusho uSityebi.
Isithombe esingenhla: Itekisi.
Umthombo: Stock
