Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umbango wesihlalo sobukhosi seSilo samaBandla uMisuzulu uthathe ingwijikhwebu ebingalindelekile.
Ababili abagaqele isihlalo sobukhosi – uMntwana uSimakade kanye noMntwana uBuzabazi – basempini eshubile.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uMntwana uSimakade uyalele uMntwana uBuzabazi ukuthi ayeke ukuphonsela inselelo isihlalo sobukhosi ngoba akayona indlalifa efanele.
“UMntwana uSimakade ukubeke kwacaca kuMntwana uBuzabazi ukuthi akumele azihluphe ngokuphonsela inselelo isihlalo sobukhosi. Ngakolunye uhlangothi izingane zakubo kaMntwana uBuzabazi zithukuthelele uMntwana uSimakade ngokulwela isihlalo sobukhosi. Zithi akayona ngisho indodana yeNdlovukazi futhi unina akakaze ashade nobaba wabo iSilo uZwelithini,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Africa.
UMntwana uBuzabazi wesekwa uMntwana uMbonisi wesigodlo sakwaKhwezi.
UMntwana uBuzabazi uyindodana yenkosikazi yesibili yeSilo uZwelithini, iNdlovukazi uBuhle kaMathe wesigodlo sakwaDlamahlahla.
NgoLwesithathu, iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng ihlehlise icala elibhekene neSilo samaBandla uMisuzulu elalivulwe uMntwana uSimakade efuna kuhoxiswe ukubekwa kukaMisuzulu esihlalweni sobukhosi.
Icala lihlehliselwe umhlaka-16 nomhlaka-18 kuMfumfu kulo nyaka ngemuva kokuthi uMntwana uMangosuthu Buthelezi ehluleke ukufaka izincwadi ezifungelwe zokuziphendulela.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi abeseka iSilo samaBandla uMisuzulu bazama ukumncenga ukuthi abuyisane noMntwana uButhelezi ukuze akwazi ukufaka izincwadi ezifungelwe zokuphendula.
“Ngisho unkosikazi wakhe iNdlovukazi uNtokozo kaMayisela usemumemele esigodlweni sabo sasoPhongolo lapho afike wamtshela khona ukuthi akashintshe isimo abuyisane noButhelezi ngoba izincwadi zakhe ezifungelwe zibaluleke kakhulu kuleli cala. Ngisho nomunye oyindodana yowayengunogada weSilo esakhothama ungenelele kulesi simo wacela iSilo uMisuzulu ukuthi abuyisane noButhelezi,” kusho umthombo.
Okhulumela uMntwana uSimakade, uMntwana uMthokozisi uthe akayazi imininingwane eminingi futhi ubengazi ngecala ebeliseNkantolo eNkulu yase-North Gauteng ngoLwesithathu.
UMntwana uBuzabazi akatholakalanga ukuthi aphawule njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa. Akazange ayiphendule imibuzo abethunyelelwe yona.
Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini
Umthombo wesithombe: Twitter