Sandiso Phaliso
Iforamu yomphakathi endaweni yase-Mdantsane esifundazweni sase-East London ayikakadikibali ngemuva kokuboshwa kwamalungu abo amane ngecala lokubulala, njengoba benze isithembiso ukuba basazoqhubeka nokulwa nobugebengu.
Umholi weforamu uSipho Plaatyi uthe ukuboshwa kwamalungu abo ngenyanga edlule angeke kubenze bahlehlise izinyawo ekulweni nobugebengu.
Abasolwa abane okubalwa uXolile Bala, uSipho Mtali, uBuntu Kamlana kanye noqhamuka e-Zimbabwe uThomas Bvukyimhuru babekwe amacala amabili okubulala, amathathu okuthumba nokuhlukumeza.
UPlaatyi uchazele i-Scrolla.Africa ukuba basebenza kanjani, nangamacala ababhekene nawo njengoba kuboshwe amalungu abo.
“Manje sesizozinikela ngokuphelele” kusho uPlaatyi ophinde wagcizelela ukuba izigebengu bazobhekana nazo.
Uthe bona bazithathela umthetho bawubeke ezandleni zabo ngenxa yokuthi umphakathi usulahle ithemba ngamaphoyisa nengalo yomthetho.
“Uma ngabe sibamba isigebengu siyasishaya ukuze sizofunda isifundo” kusho uPlaatyi.
“Sisuke sibaxwayisa ukuthi uma singaphinde sibabambe bazozisola ukuthi babuqalelani ubugebengu.”
Ukugadwa komphakathi wase-Mdantsane kwaqala ngonyaka odlule ngemuva kokuba kudlwengulwe ingane esencane yentombazane eneminyaka eyi-8 yase yabulawela kubo.
Abanye bayayiseka iforumu ngezinto abazenzela umphakathi, kodwa abanye bakholelwa ukuthi banobungozi futhi bayafana nabantu abaphula umthetho. Abanye bathi labantu okusuke kuthiwe benze icala kuyenzeka uthole ukuthi abayazi into okukhulunya ngayo bayasukelwa.
“Lokhu okwenziwa iqembu leforamu akukho emthethweni. Bayathumba, bahlasele, bahlukumeze baphinde babulale. Babulala indodana yami ngoNdasa” kusho ilungu lomphakathi litshela i-Scrolla.Africa.
“Kubuhlungu ukubuka abantu behlaselwa ngoba nakhu kuthiwa benza imigwaqo ibe nokuthula. Uma begada imigwaqo kumele bahambisane namaphoyisa ukuze uma kubanjwa umuntu enza ubugebengu aboshwe. Ukubulala umuntu akulungile noma ngabe unasiphi isizathu” kusho ilungu lomphakathi.
Omunye umhlali uSean Vuma uthe ubugebengu e-Mdantshane sebunyuke kwaze kweqa futhi amaphoyisa abengenzi lutho ukusivikela. Uthe uzizwa ekhululekile uma ehamba emgwaqeni kukhona abagadile.
Okhulumela amaphoyisa ukaputeni uNkosikho Mzuku uthe laba abayiforamu kumele bahambise abasolwa esiteshini samaphoyisa.
“Kulokhu uPlaatyi uphendule wathi” amaphoyisa awanangqondo futhi asisoze sasebenzisana nawo.”