Abagada e-Dobsonville bathi abesifazane bayagqekezelwa, amaphoyisa athi ubugebengu abukhethi bulili

Everson Luhanga

Iphoyisa lezokuphepha lomphakathi uJoel Mabaso nabaqaphi base-Dobsonville, e-Soweto bathi izigebengu bezilokhu zihlasela abesifazane abahlala bodwa ngoba bayizisulu ezilula.

Ngenkathi amacala amaningi avuliwe esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville ngabesifazane abangahlali nabantu besilisa, amaphoyisa aphendule ngokuthi ubugebengu abunabo ubulili njengoba nabesilisa beyizisulu zobugebengu.

UMabaso kanye nabahlali bafuna ukuthi kube nesiteshi samaphoyisa esisebenza ngesiphuphutheki, bedalula ukuthi amaphoyisa ase-Dobsonville aseduzane awekho uma ukuhlasela okunjena kwenzeka.

Ithimba le-Scrolla.Africa likhulume nabesifazane abehlukene abahlaselwe kusukela ngasekupheleni konyaka odlule.

USamantha Martins uthe wagwazwa kaningi nge-screwdriver ngesikhathi amadoda amane eqa ngefasitela engena endlini yakhe phakathi kwamabili.

La madoda abephethe ocelemba, izibhamu kanye nescrewdriver, angene endlini yakhe lapho ebelele khona nodadewabo kanti bamphoqa ukuthi abanikeze izinto zakhe kubandakanya imali, omakhalekhukhwini kanye nomabonakude.

“Ngesikhathi silwa nabo, bangigwaze amahlandla amaningi umzimba wonke ngisho nasebusweni,” esho.

Umqaphi uViolet Mgobolwana ukholelwa ekutheni baningi abesifazane ababika amacala kubo kanjalo nasemaphoyiseni.

UViolet ungesinye isisulu esigqekezelwe indlu yakhe ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi amadoda amabili abehlomile ethatha umabonakude wakhe nomakhalekhukhwini.

Uthe ubesanda kubuya ukuyogada ngenkathi izigebengu zingena endlini yakhe ngezithuba zabo-3: 00 ekuseni.

“Amadoda amabili akhahlele umnyango wami angisabisa ngezibhamu,” esho.

“Nginikele ngomakhalekhukhwini wami kanye nomabonakude.”

UTshegofatso Mosiane uthe umakhelwane wakhe ubanjwe inkunzi ekhonjwe ngezibhamu ngo-3 ekuseni ngoLwesithathu.

UBoitumelo Mosiane, oneminyaka engama-23, ulahlekelwe izimpahla zakhe ngesikhathi izigebengu zingena endlini yakhe zintshontsha umabonakude nezinye izinto.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni uKay Makhubele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala okubamba inkunzi nokugqekeza ezindlini.

Izihloko zakamuva