Abafundi nomphakathi bayatapa ezitolo zabaphuma ngaphandle eTsakane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izingane ziphazamise ukufunda esikoleni zajoyisa abantu abadala eTsakane ngoLwesithathu ukuyophanga ezitolo eziphethwe abantu abaqhamuka emazweni angaphandle.

Ukuzitapela ezitolo kwenzeka ngemuva kokushona komfundi oneminyaka eyisithupha ofunda uGrade 1, uRefilwe Usman eMandlethu Primary, kanti ushone ngemuva kwezinsolo zokuthi udle amabhisikidi uyise awathenge kwisitolo sendawo ngoLwesibili ekuseni.

Abanye abafundi ababili bakulesi sikole basesibhedlela ngemuva kwezinsolo zokuthi nabo badle amabhisikidi afanayo.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala waseKurhuleni, uThabiso Makgatho uthe kuphazamisekile ukufunda nokufundisa kule ndawo njengoba izingane zesikole beziphakathi kwalabo abebezitapela ezitolo eziphethwe abantu bangaphandle.

“Amalunga omphakathi cishe angu-200 njengamanje ayazitapela ezitolo kulendawo,” kusho uMakgatho.

“Amaphoyisa ombutho weSAPS nakamasipala waseKurhuleni asendaweni aqaphe isimo.

“Sinxusa izakhamuzi ukuthi zigweme ukuzitapela kanye nokwenza noma iluphi uhlobo lwezenzo zobugebengu.”

Ukuzitapela ezitolo kuqale ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi izakhamuzi zigqekeza izitolo ezindaweni ezahlukene zakuleli lokishi. Kube kubi ngoLwesithathu ngesikhathi kungenela izingane zesikole.

Kusukela ngoLwesithathu ekuseni izakhamizi zivale imigwaqo ngamathayi avuthayo namatshe ukuze abashayeli bezimoto bangakwazi ukufinyelela kule ndawo.

Ekhuluma ne-Scroll.Africa usihlalo we-Pan African Student Movement of Azania eTsakane, uShaun Kubeka uthe le nhlangano yeseka umphakathi nomndeni ngokufunela umfundi ubulungiswa.

“Siphazamise ukufunda nokufundisa simashela esiteshini samaphoyisa eTsakane sifuna izimpendulo kumphathi siteshi ngokuthi yiziphi izinqumo asezithathile kuze kube manje mayelana naleli cala.”

“Asihambisani nokugqekezwa kwezitolo zabantu bakwamanye amazwe okwenziwe izakhamizi nabafundi ngoba lokho kufana nokwenza ubugebengu.”

Ongumholi womphakathi uMnu Jabulani Nkosi uthe izakhamuzi sezikhathele ukuthenga ukudla okungekho ezingeni okudayiswa abantu bakwamanye amazwe.

“Ngaso sonke isikhathi kufanele sibuyise ukudla osekuphelelwe yisikhathi okungalungile esikuthenga ezitolo zabo. Ukushona kwalo mfundi oneminyaka eyisithupha kubuhlungu futhi ngeke sisakwazi ukubabekezelela kumele bahambe.”

“Sibanike ithuba lokuthi bahambe izolo ebusuku kodwa bebecabanga ukuthi siyadlala. Sizobenza bahambe uma behluleka ukuzihambela.”

Isithombe esingenhla: Izakhamizi zaseTsakane ziphanga ezitolo zabantu bangaphandle.

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva