Abafundi nomkhuba wokuphuza utshwala esikoleni

Buziwe Nocuze

Othisha bezikole eziselokishini laseKapa iNyanga basale bebambe ongezansi ngesikhathi abafundi bengena ekilasini bephuzile kade bebuya ekhefini.

Amaphoyisa endawo akholelwa ukuthi abadayisa esikoleni yibona abanecala ngokudayisa ngasese utshwala, insangu phakathi kwezinye izinto okubalwa amaswidi kanye nokudla.

“Benza sengathi badayisa amaswidi, ama-chips kanye namagwinya kodwa babuye badayise utshwala,” kusho uKhomishana wamaPhoyisa e-Western Cape uLieutenant-General Thembisile Patekile.

UPatekile uthe sebethole izikhalazo eziningi ezivela kubazali babafundi basezikoleni ezintathu ezikuleli lokishi.

Abadayisi bakha izitolo ngaphandle kwamasango esikole. Omunye umfundi webanga leshumi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abadayisi bathatha ama-oda avela kubafundi bawafihle kuma-cooler box ukuze basize abafundi ukuthi bakungenise esikoleni.

Lo mfundi webanga leshumi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abadayisi bathatha ama-oda avela kubafundi bese bengenisa utshwala esikoleni ngama-cooler box.

“Sifaka ama-oda ngesikhathi sekhefu elincane ngaphambi kwesidlo sasemini. Abavele bafike nje notshwala. Bathatha ama-oda,” kusho umfundi.

Futhi uphuzo oludakayo akukhona ukuphela kwento engavunyelwe edayiselwa abafundi, njengoba umfundi evuma ukuthi abathengisi babuye badayise “amakhekhe anensangu”.

Omunye umfundi uthe kwesinye isikhathi abadayisi badayisela abafundi izinto ezingekho emthethweni ngesikweletu.

“Bayazi ukuthi sizokhokha uma abazali bethu besinikeza imali,” kusho umfundi ongeze wathi “nginomngani wami ohamba ngezinyawo uma eya esikoleni obeka imali yokugibela ukuze athenge utshwala.

Umzali utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ushaqekile ngesikhathi ezwa ukuthi abadayisa ezikoleni badayisa utshwala nezidakamizwa.

“Kuyashaqisa ukuthi abadayisi benza lokhu ekubeni nabo benezingane. Umzali onjani ongaphuzisa ingane? Okubi kakhulu ngesikhathi sesikole,” esho.

Abazali bakholwa ukuthi ukuba nesiphaza phakathi esikoleni yisona sixazululo.

UMnu Dumisani Qwabe onguNobhala weNyanga Community Policing Forum, ukuqinisekisile ukuthi sebebizwe kaningi ezikoleni bezothamela udaba lwabafundi abaphuzile.

“Abadayisi babulala ikusasa lezingane. Kuzofanele sithathe izinyathelo ezinqala ukuze sisindise izingane,” kusho uQwabe.

ULieutenant General Patekile usenxuse abadayisi ukuthi bayeke ukufaka isandla ekutheni abafundi baphuze utshwala esikoleni. Uthe kungekudala bengazithola sebevalelwe ejele.

Izihloko zakamuva